Amasu Okufunda
Shada, Umshado


Shada, Umshado

Yisivumelwano noma wukuvumelana okusemthethweni phakathi kowesilisa kanye nowesifazane okubenza babe yindoda kanye nomfazi. UNkulunkulu wawumisa umshado. (Mf&V 49:15).

Isivumelwano esisha nesaphakade somshado

Ukushada ngaphansi komthetho wevangeli kanye nobuphristi obungcwele kungokwempilo yasemhlabeni futhi kungokwaphakade. Abesilisa kanye nabesifazane abafanelwe abahlanganiswe ngalendlela emshadweni ethempelini bangaqhubeka nokuba yindoda kanye nomfazi kubo bonke ubuphakade.

Umshado phakathi kwezinkolo

Wumshado phakathi kowesilisa kanye nowesifazane abezinkolelo kanye nemikhuba eyahlukene.

Umshado wesithembu

Wukuganwa kowesilisa ngabafazi abaphilayo ababili noma nagaphezulu. Kusemthethweni ukuba owesilisa abe nomfazi oyedwa ngaphandle uma iNkosi iyala ngenye indlela ngesambulo (Jakobe 2:27–30). Ngesambulo, umshado wesithembu kwakuwumkhuba owawenziwa ezikhathini zeTestamente eliDala kanye nasezinsukwini zokuqala zeBandla eselibuyiselwe ngokuyalelwa ngumphrofethi owayephethe izikhiye zobuphristi (Mf&V 132:34–40, 45). Wumkhuba ongasenziwa eBandleni (Iz. Eli. 1); namhlanje, ukuba nabafazi abangaphezulu koyedwa akuvumelani nobulungu eBandleni likaJesu Kristu labaNgcwele beziNsuku zokuGcina.