Amasu Okufunda
Marku


Marku

ETestamenteni eliSha, uJohane Marku wayeyindodana kaMariya, owayehlala eJerusalema (IzE. 12:12); kungenzeka futhi ukuthi wayengumzala (noma ngumshana) kaBarnaba (Kol. 4:10). Wahamba noPawulu kanye noBarnaba besuka eJerusalema ohambeni lwabo lokuqala lobufundisi futhi wabashiya ePherge (IzE. 12:25; 13:5, 13). Kamuva waphelezela uBarnaba ukuya eKhupro (IzE. 15:37–39). Wayekanye noPawulu eRoma (Kol. 4:10; Filem. 1:24), futhi wayenoPetru eBabiloni (cishe eRoma) (Ⅰ Petru 5:13). Okokugcina, wayenoThimothewu e-Efesu (Ⅱ Thim. 4:11).

IVangeli likaMarku

Yincwadi yesibili eTestamenteni eliSha. Ivangeli likaMarku kunokwenzeka ukuthi labhalwa ngokuyalelwa nguPetru. Inhloso yakhe wukuchaza iNkosi njengeNdodana kaNkulunkulu ephila futhi eyenza izinto phakathi kwabantu. UMarku uchaza, ngamandla kanye nangokuthobeka, umuzwa uJesu ayewenza kubabukeli. Ngokwendaba yokhokho kuthiwa emuva kokufa kukaPetru, uMarku wahambela eGibithe, wahlanganisa iBandla e-Aleksandriya, futhi wafa ngokubulalelwa ukholo.

Ukuze uthole uhla lwezehlakalo empilweni yomSindisi njengoba zichaziwe eVangelini lika Marku, bheka isihloko esithi ukuVumelana kweziNdaba zeVangeli esithasiselweni.