Amasu Okufunda
ULwandle olungenaMpilo


ULwandle olungenaMpilo

Wulwandle olunosawoti olusekugcineni kweningizimu yesiGodi saseJordani. Lwalaziwa futhi ngokuthi wuLwandle olunoSawoti. Ubuso balo cishe bungamamitha angamakhulu amathathu namashumi ayisishiyagalolunye nanhlanu ngezansi koLwandle lwaseMediteleniyani. Imizi yaseSodoma, eGomora, futhi neyaseSowari noma eBela yayiseduze nogu lwalo (Gen. 14:2–3).

Ukugcwalisa isiphrofetho futhi njengolunye lwezimpawu zokuZa kwesiBili kukamSindisi, amanzi oLwandle olungenaMpilo azokwelashwa, futhi impilo izoba khona lapho (Hez. 47:8–9).