Amasu Okufunda
ImiBhalo yoKholo


ImiBhalo yoKholo

Amaphuzu ayishumi nantathu amele inkolelo yamalungu eBandla likaJesu Kristu labaNgcwele beziNsuku zokuGcina.

UJoseph Smith wawabhala okokuqala encwadini eyayibhekiswe kuJohn Wentworth, umhleli weChicago Democrat, ephendula isicelo sakhe sokwazi ukuthi amalungu eBandla akholelwa yini. Leyoncwadi yagcina isiyaziwa ngokuthi yiNcwadi yaseWentworth futhi yakhishwa okokuqala kwiTimes and Seasons ngoMarch 1842. Ngomhlaka 10 October 1880, imiBhalo yoKholo yemukelwa ngokusemthethweni njengombhalo ongcwele ngevoti lamalungu eBandla futhi yenziwa yaba yinxenye yeGugu leNani eliKhulu.