Amasu Okufunda
Jona


Jona

Ngumphrofethi waseTestamenteni eliDala owabizwa yiNkosi ukuba ashumayele ukuphenduka emzini waseNineve (Jona 1:1–2).

Incwadi kaJona

Yincwadi eTestamenteni eliDala ekhuluma ngokwabonwa nguJona empilweni yakhe. UJona mhlawumbe akayibhalanga incwadi yena. Umcabango okuyiwona omkhulu encwadini kaJona wukuthi uJehova ubusa yonke indawo futhi akagcini uthando Lwakhe esizweni esisodwa noma kubantu ababodwa.

Esahlukweni 1, iNkosi ibiza uJona ukuba ayoshumayela eNineve. Esikhundleni sokwenza njengoba iNkosi iyalile, uJona wabaleka ngomkhumbi futhi wagwinywa yinhlanzi enkulu. Esahlukweni 2, uJona wakhuleka eNkosini, futhi inhlanzi yamhlanzela emhlabathini owomileyo. Isahluko 3 sibhala ukuthi uJona waya eNineve futhi waphrofetha ngokuwa kwayo. Kodwa, abantu baphenduka. Esahlukweni 4, iNkosi yamthethisa uJona ngokucasulwa wukuthi iNkosi yabasindisa abantu.

UJesu wafundisa ukuthi ukugwinywa yinhlanzi kukaJona kwakubonisa ngaphambili ukufa kanye nokuvuka kwakhe uJesu (Math. 12:39–40; 16:4; Luka 11:29–30).