Amasu Okufunda
Dani


Dani

ETestamenteni eliDala, yindodana kaJakobe kanye noBiliha, incekukazi kaRaheli (Gen. 30:5–6).

Isizwana sikaDani

Ukuze ufunde ngezibusiso zikaJakobe kuDani, bheka kuGenesise 49:16–18. Ukuze ufunde ngezibusiso zikaMose kuDani, bheka kuDuteronomi 33:22. Emuva kokufika bahlale eKhanani, isizwana sikaDani sathola isiqeshana somhlaba omncane kodwa ovunde kakhulu (Josh. 19:40–48). Baba nobunzima obukhulu ekuwuvikeleni kuma-Amori (AbAhl. 1:34) nakumaFilisti (AbAhl. 13:2, 25; 18:1). Ngenxa yalokho, abakwaDani baya enyakatho yaseFilistiya (AbAhl. 18) endaweni yaseLayishi, futhi bawuqamba kabusha lowomuzi ngokuthi nguDani. Lelidolobha laziwa kakhulu njengomkhawuko osenyakatho yaseFilistiya, elaliya kude “kusukela kwaDani kuze kube seBeri-Sheba.”