Amasu Okufunda
Josefa, umyeni kaMariya


Josefa, umyeni kaMariya

Ngumyeni kaMariya, unina kaJesu. UJosefa wayewuzalo lukaDavide (Math. 1:1–16; Luka 3:23–38) futhi wayehlala eNazaretha. Wayezoganwa nguMariya. Ngaphambi-nje komshado wabo, uMariya wathola ukuhanjelwa yingelosi uGabriyeli, owazisa ukuthi uMariya wayesekhethiwe ukuba abe ngunina womSindisi (Luka 1:26–35). UJosefa naye wathola isambulo ngalokhu kuzalwa okuvela kuNkulunkulu (Math. 1:20–25).

UMariya kwakunguye kuphela umzali kaJesu wasemhlabeni ngoba uNkulunkulu uBaba wayengubaba wakhe. Kodwa abaJuda babecabanga ukuthi uJosefa kwakunguye ubaba kaJesu, futhi noJesu wayemphatha njengaye (Luka 2:48, 51). Ngokuxwayiswa ngamaphupho asezulwini, uJosefa wayilondoloza impilo yomntwana onguJesu ngokubalekela eGibithe (Math. 2:13–14). Emuva kokufa kukaHerode, ingelosi yayala uJosefa ukuba athathe umntwana onguKristu abuyele naye kwa-Israyeli (Math. 2:19–23).