Amasu Okufunda
Samariya


Samariya

ETestamenteni eliDala, yisiqongo sombuso ongasenyakatho wakwa-Israyeli (Ⅰ AmaKh. 16:23–24). Ngenxa yokuma kwaso kwempi okunamandla egqumeni, ama-Asiriya ayengakwazi ukusithumba kwaze kwaba semuva kokuvinjezelwa kweminyaka emithathu (Ⅱ AmaKh. 17:5–6). UHerode wasakha kabusha futhi wasibiza ngokuthi yiSebaste. Ngezikhathi zeTestamente eliSha, iSamariya kwakuyigama lesifunda sonke esimaphakathi saseFilistiya entshonalanga neJordani.