Amasu Okufunda
Marsh, Thomas B.


Marsh, Thomas B.

NguMongameli wokuqala womGwamanda wabaPhostoli abaliShumi namBili emuva kokuBuyiselwa kweBandla ngo1830. Wayephethe izikhiye zombuso ngokuphathelene nabaliShumi namBili (Mf&V 112:16) futhi, ngo1838, wayalwa ngesambulo ukuba azise abantu bonke ngezwi leNkosi (Mf&V 118:2). Isigaba 31 seMfundiso neziVumelwano sibhekiswe kuye. UMarsh wephucwa ubulungu eBandleni ngo1839 kodwa wabuye wabhabhadiswa futhi ngoJulayi 1857.