Imikhuba yokonakala yokulalana Bheka futhi isihloko esithi Okuthokozisa imizwa, Ukuthokozisa imizwa; Ukuhlobonga; Ukuphinga Wukuhlanganyela ngamabomu ekuphingeni, ekuhlobongeni, ezenzweni zokulalana kwabantu bobulili obubodwa, ukuthathana nowakubo, noma ngabe yisiphi esinye isenzo sokulalana esingengcwele, esiphambene nomthetho wemvelo, noma esingcolile. Masiphuzise ubaba wethu iwayini, sizolala naye, Gen. 19:30–36. URubeni waya walala noBiliha isancinza sikayise, Gen. 35:22 (Gen. 49:4; â… Â IziKr. 5:1). Izenzo zokulalana kwabantu bobulili obubodwa kanye nemikhuba yokulalana ephendukezelwe kuyisinengiso, Lev. 18:22–23. Uma indoda iphoqa owesifazane ukuba alale nayo, yindoda kuphela enecala lesono, Dut. 22:25–27. Lowo obuka owesifazane amkhanukele usephingile naye enhliziyweni yakhe, Math. 5:28 (3 Nefi 12:28). Ukuhlobonga, ukungcola, ukuthanda okweqile kuwukukhonza izithixo, Kol. 3:5. Ezinsukwini zokugcina abantu bayoba ngabangenalo uthando, â…¡Â Thim. 3:1–3. Isono sokulalana siyisinengiso, Alima 39:3–5.