Amasu Okufunda
Khanani, UmKhanani


Khanani, UmKhanani

Ngezikhathi zeTestamente eliDala, yindodana yesine kaHamu (Gen. 9:22; 10:1, 6) futhi nomzukulu kaNowa. UmKhanani usho lowo ovela ezweni lapho uKhanani ayehlala khona ekuqaleni futhi usho labo abawuzalo lwakhe. UmKhanani futhi kwakuyigama labantu ababehlala ezweni eliphansi elaligudla ugu lweMediteleniyani lwasePalestina. Leligama kwesinye isikhathi lalisetshenziswa ukuchaza labo abangesibo abakwa-Israyeli ababehlala ezweni elisentshonalanga neJordani, amaGriki ayebabiza ngokuthi ngamaFinishiya.