Amasu Okufunda
Mosiya, indodana kaBenjamini


Mosiya, indodana kaBenjamini

Yinkosi elungileyo engumNefi kanye nomphrofethi eNcwadini kaMormoni. UMosiya walandela isibonelo sokulunga sikababa wakhe (Mosiya 6:4–7). Wahumusha izingcwephe ezingamashumi amabili nane zegolide eziqukethe umbhalo wabakwaJarede (Mosiya 28:17).

Incwadi kaMosiya

Yincwadi eNcwadini kaMormoni. Izahluko 1–6 ziqukethe intshumayelo enomfutho yeNkosi uBenjamini kubantu bakhe. UMoya weNkosi wabathinta ezinhliziyweni futhi abantu baguquka futhi ababange besaba nesifiso sokwenza okubi. Izahluko 7–8 zikhuluma ngeqembu lamaNefi elalihambe layohlala ezweni lamaLamani. Iqembu lokufuna lathunyelwa ukuba liyobafuna. U-Amoni, umholi weqembu lokufuna, wabathola futhi wafunda ngendaba yokuhlupheka kwabo ngaphansi kokucindezelwa ngamaLamani. Izahluko 9–24 zichaza ngalokho kucindezelwa futhi nokuthi abaholi babo—uZenifi, uNowa, kanye noLimihi—babephila kanjani ngaphansi kwamaLamani. Ukubulawelwa ukholo kukamphrofethi obizwa ngo-Abinadi nakho kubhaliwe. U-Alima waguquka ekuthethweni kwecala lika-Abinadi. Izahluko 25–28 zilanda izindaba zokuthi indodana ka-Alima kanye namadodana amane eNkosi uMosiya baguquka kanjani. Esahlukweni 29 iNkosi uMosiya weluleka ngokuthi uhlelo lwabahluleli lube sesikhundleni samakhosi. U-Alima indodana ka-Alima wakhethwa njengomahluleli omkhulu wokuqala.