Amasu Okufunda
Umkhuleko


Umkhuleko

Wukukhulumisana noNkulunkulu ngokuhlonipha ngesikhathi umuntu ebonga futhi ecela izibusiso. Imikhuleko ibhekiswa kuBaba wethu oseZulwini egameni likaJesu Kristu. Imikhuleko ingakhulunywa ngokuzwakalayo noma ngokuthulile. Imicabango yomuntu nayo ingaba wumkhuleko uma ibhekiswe kuNkulunkulu. Iculo lolungileyo lingaba wumkhuleko kuNkulunkulu (Mf&V 25:12).

Inhloso yomkhuleko akukona ukushintsha intando kaNkulunkulu, kodwa wukuba sizitholele thina kanye nabanye izibusiso uNkulunkulu ovele efuna ukuzinika, kodwa okufanele sizicele ukuze sizithole.

Sikhuleka kuBaba egameni likaKristu (Joh. 14:13–14; 16:23–24). Siyakwazi ngempela ukukhuleka egameni likaKristu uma izifiso zethu kuyizifiso zikaKristu (Joh. 15:7; Mf&V 46:30). Ngalokho sicela izinto ezilungile futhi ngaleyondlela kungenzeka ukuthi uNkulunkulu azinike (3 Nefi 18:20). Eminye imikhuleko ayiphendulwa ngoba ayikhombisi nakancane isifiso sikaKristu kodwa ivela ngenxa yokuzifunela komuntu (Jak. 4:3; Mf&V 46:9). Nembala, uma sicela uNkulunkulu izinto ezingalungile, lokho kuyophenduka kube wukulahlwa kwethu ngecala (Mf&V 88:65).