Amasu Okufunda
Jakobe, indodana kaLehi


Jakobe, indodana kaLehi

Ngumphrofethi eNcwadini kaMormoni futhi nombhali wezintshumayelo ezimbalwa ezincwadini zika 2 Nefi kanye noJakobe. (2 Nefi 6–11; Jakobe 1–7).

Incwadi kaJakobe

Yincwadi yesithathu eNcwadini kaMormoni. Isahluko 1 sikhuluma ngokuthi uNefi wedlulisela imibhalo kuJakobe futhi emuva kwalokho wase engcwelisa uJakobe kanye nomfowabo uJosefa ukuba babe ngabaphristi kanye nabafundisi babantu. Izahluko 2–4 yizintshumayelo eziyala abantu ukuba bahlanzeke ngokwenkambo yokulunga. UJakobe wafundisa futhi ngokuza koMesiya okhululayo, futhi wanika izizathu zokuthi kungani abanye kwa-Israyeli babengeke bamemukele uma eseza. Izahluko 5–6 ziqukethe ubufakazi bukaJakobe futhi nomzekeliso oyisiphrofetho ngomlando nangomsebenzi wokufundisa ivangeli wabantu bakwa-Israyeli. Isahluko 7 siqukethe indaba yomvukeli ofundileyo ogama lakhe linguSheremi, owanqotshwa ngobufakazi bukaJakobe obuvela kuNkulunkulu.