ImiBhalo eNgcwele
2 Nefi 6


Isahluko 6

UJakobe ulanda umlando wamaJuda: Ukuthunjwa kwabaseBabiloni kanye nokubuya; ubufundisi kanye nokubethelwa koNgcwele ka-Israyeli; usizo olutholakala kwabeZizwe; kanye nokubuyiselwa kwamaJuda ngezinsuku zokugcina uma sebekholwa kuMesiya. Cishe ngonyaka wama 559 kuya kowama 545 ngaphambi kokuzalwa kukaKristu.

1 Amazwi kaJakobe, umfowabo kaNefi, awakhuluma kubantu baNefi:

2 Bhekani, bafowethu abathandekayo, mina, Jakobe, ngibizwe nguNkulunkulu, futhi ngigcotshwe ngendlela yohlelo lwakhe olungcwele, futhi ngingcweliswe ngumfowethu uNefi, enimbuka anjengenkosi noma umvikeli, futhi enincike kuye ukuthi aniphephise, bhekani niyazi ukuthi ngikhulume kini izinto eziningi kakhulu.

3 Nokho, ngikhuluma kini futhi; ngokuba nginesifiso sokuba kuzuze imiphefumulo yenu. Yebo, intshisekelo yami inkulu ngani; futhi nani uqobo lwenu niyakwazi ukuthi selokhu kwaba njalo. Ngokuba nginincengile ngayo yonke inkuthalo; futhi nginifundisile amazwi kababa; futhi ngikhulumile kini mayelana nazo zonke izinto ezibhaliwe, kusukela ekudalweni komhlaba.

4 Manje, bhekani, ngizokhuluma kini mayelana nezinto ezikhona, kanye nalezo eziyokwenzeka; ngalokho-ke, ngizonifundela amazwi aka-Isaya. Futhi lawo ngamazwi umfowethu afisa ukuthi ngiwakhulume kini. Futhi ngiwakhuluma kini ngenxa yenu, ukuze nifunde futhi nidumise igama likaNkulunkulu wenu.

5 Manje, amazwi engizowafunda yiwo lawo u-Isaya awakhuluma mayelana nayo yonke indlu ka-Israyeli; ngalokho-ke, ningawabhekisa kini, ngokuba ningabendlu ka-Israyeli. Futhi ziningi izinto ezakhulunywa ngu-Isaya ezingabhekiswa kini, ngenxa yokuthi ningabendlu ka-Israyeli.

6 Manje, yilawa amazwi; aIsho kanje iNkosi uNkulunkulu: Bheka, ngiyophakamisa isandla sami kubo abeZizwe, futhi ngimise bisibonakaliso sami kubantu; futhi bayoletha amadodana akho ezingalweni zabo, kanye namadodakazi akho bayowatshatha emahlombe abo.

7 Amakhosi ayoba ngoyihlo abakondlayo, nezindlovukazi zabo ngomama bakho abakondlayo; bayokukhothamela ubuso babo bubheke phansi, futhi bakhothe uthuli lwezinyawo zakho; futhi uyokwazi ukuthi ngiyiNkosi; ngokuba abayikujabha alabo abangilindayo.

8 Manje mina, Jakobe, ngizokhuluma mayelana nalokho okuphathelene nalamazwi. Ngokuba bheka, iNkosi ingikhombisile ukuthi labo aababeseJerusalema, lapho saphuma khona, babulewe futhi bbathwalwa bathunjwa.

9 Nokho, iNkosi ingikhombisile ukuthi bayophinda ababuye. Futhi phezu kwalokho ingikhombisile ukuthi iNkosi uNkulunkulu, oNgcwele ka-Israyeli, uyozibonakalisa kubo esenyameni; futhi emva kokuthi isizibonakalisile bayoyishaya futhi bbayibethele, njengokwamazwi engelosi eyawakhuluma kimi.

10 Futhi emva kokuthi sebezenze lukhuni izinhliziyo zabo futhi baziqinisa izintamo zabo ngokumelene noNgcwele ka-Israyeli, bheka, aizahlulelo zoNgcwele ka-Israyeli ziyokuza phezu kwabo. Futhi usuku luyeza lapho beyoshaywa futhi bahlushwe.

11 Ngalokho-ke, emva kokuthi sebebalekisiwe bayiswa emuva naphambili, ngokuba isho kanje ingelosi, abaningi bayozwa ubuhlungu enyameni, futhi abayikuyekelwa ukuthi babhujiswe, ngenxa yemithandazo yabathembekile; bayohlakazwa, futhi bashaywe, futhi bazondwe, nokho, iNkosi iyokuba nesihawu kubo, kuthi auma bethola bulwazi ngoMkhululi wabo, bayophinda cbaqoqelwe ndawonye emazweni ayifa labo.

12 Futhi babusisiwe aabeZizwe, labo umphrofethi abhale ngabo; ngokuba bheka, uma kungukuthi bayophenduka futhi bangalwi neSiyoni, futhi bangazihlanganisi nalelo bbandla elikhulu nelinengekile, bayosindiswa; ngokuba iNkosi uNkulunkulu iyozigcwalisa cizivumelwano eyazenza kubantwana bayo; futhi ngalesi sizathu umphrofethi wazibhala lezi zinto.

13 Ngalokho-ke, labo abalwa neSiyoni kanye nabantu besivumelwano beNkosi bayokhotha uthuli lwezinyawo zabo; futhi abantu beNkosi abayikuba anamahloni. Ngokuba abantu beNkosi yibo labo babayilindayo; ngokuba basakulindile ukuza kukaMesiya.

14 Futhi bheka, ngokwamazwi omphrofethi, uMesiya uyophinda aziveze aokwesibili ukuze ababuyise; ngalokho-ke, buyoziveza kubo ngamandla kanye nangenkazimulo enkulu, kangangoba izitha zabo cziyobhujiswa, uma lolo suku lufika lapho beyokholwa kuye; futhi akukho namunye oyobhujiswa okholwa kuye.

15 Futhi labo abangakholwa kuye abayobhujiswa, bngomlilo, kanye nangesivunguvungu, nangokuzamazama komhlaba, nangokuchitheka kwegazi, cnangomashaya bhuqe, kanye nangendlala. Futhi bayokwazi ukuthi iNkosi inguNkulunkulu, oNgcwele ka-Israyeli.

16 aNgokuba kungani impango ingasuswa kubo abanamandla, noma babathunjwe ngokomthetho bakhululwe na?

17 Kepha isho kanje iNkosi: Ngisho anabathunjwa balabo abanamandla bayosuswa, futhi nempango yalabo abesabekayo iyokhululwa; ngokuba buNkulunkulu onaMandla cuyobakhulula abantu bakhe besivumelwano. Ngokuba isho kanje iNkosi: Ngiyophikisana nabo labo abaphikisana nawe—

18 Futhi ngiyodlisa labo abakucindezelayo, inyama yabo uqobo; futhi bayodakwa yigazi labo uqobo njenganewayini elimtoti; futhi yonke inyama iyokwazi ukuthi mina Nkosi ngingumSindisi wakho kanye anoMkhululi wakho, bonaMandla kaJakobe.