ImiBhalo eNgcwele
2 Nefi 32


Isahluko 32

Izingelosi zikhuluma ngamandla kaMoya oyiNgcwele—Abantu kufanele bathandaze futhi bathole ulwazi ngokwabo kuMoya oyiNgcwele. Cishe ngonyaka wama 559 kuya kowama 545 ngaphambi kokuzalwa kukaKristu.

1 Manje, bhekani, bafowethu abathandekayo, ngicabanga ukuthi niyazindla ngandlela thize ezinhliziyweni zenu mayelana nalokho okufanele nikwenze emva kokuthi seningenile ngalendlela. Kepha, bhekani, nizindlelani ngalezi zinto ezinhliziyweni zenu na?

2 Anikhumbuli yini ukuthi ngishilo kini ukuthi emva kokuthi asenamukele uMoya oyiNgcwele ningakhuluma bngolimi lwezingelosi na? Manje, ningakhuluma kanjani ngolimi lwezingelosi ngaphandle kokuthi kube ngoMoya oyiNgcwele na?

3 aIzingelosi zikhuluma ngamandla kaMoya oyiNgcwele; ngalokho-ke, zikhuluma amazwi kaKristu. Ngalokho-ke, ngithe kini, bzitikeni ngamazwi kaKristu; ngokuba bhekani, amazwi kaKristu azonitshela zonke izinto okufanele nizenze.

4 Ngalokho-ke, manje emva kokuthi sengikhulume lamazwi, uma ningawaqondi kuyoba ngenxa yokuthi aanibuzi, noma aningqongqothi; ngalokho-ke, aninakulethwa ekukhanyeni, kepha kufanele nishabalale nisebumnyameni.

5 Ngokuba bhekani, ngiyaphinda ngiyasho kini ukuthi uma niyongena ngalendlela, futhi namukele uMoya oyiNgcwele, uyonikhombisa zonke izinto okufanele nizenze.

6 Bhekani, lokhu yimfundiso kaKristu, futhi akuyikubakhona enye imfundiso eyonikwa kuze kube semva kokuba aesezibonakalisile kini esenyameni. Futhi uma esezibonakalisile kini esenyameni, lezozinto ayozisho kini anibozama ukuthi nizenze.

7 Manje mina, Nefi, angisenakusho okuningi; uMoya uyakuvimba ukukhuluma kwami, futhi ngishiywa ukuthi ngilile ngenxa ayokungakholwa, kanye nobubi, kanye nokungazi, kanye nokuba ngontamo lukhuni kwabantu; ngokuba abazukulufuna ulwazi, noma baluqonde ulwazi olukhulu, uma benikwa lona bngokusobala, ngisho noma lusobala njengezwi lingaba njalo.

8 Manje, bafowethu abathandekayo, ngiyabona ukuthi nisazindla ezinhliziyweni zenu; futhi kuyangidabukisa ukuthi kufanele ngikhulume mayelana nalento. Ngokuba uma ningalalela uMoya ofundisa umuntu aukuthandaza, niyokwazi ukuthi kufanele nithandaze; ngokuba bumoya omubi awumfundisi umuntu ukuthi athandaze, kepha umfundisa ukuthi kufanele angathandazi.

9 Kepha bhekani, ngithi kini kufanele anithandaze njalo, ningakhathali; ningenzi nanoma yini enye into eNkosini ngaphandle kokuthi kuqala nithandaze kuBaba begameni likaKristu, ukuze angcwelise ukwenza kwenu kini, ukuze ukwenza kwenu kube cyinzuzo emiphefumulweni yenu.