Amasu Okufunda
Izingelosi


Izingelosi

Zimbili izinhlobo zabantu ezulwini ezibizwa ngezingelosi: yilabo abayimimoya futhi nalabo abanemizimba yenyama namathambo. Izingelosi eziyimimoya azikakawutholi umzimba wenyama namathambo, noma ziyimimoya eyake yaba nawo umzimba ofayo futhi zilindele uvuko. Lezo zingelosi ezinemizimba yenyama namathambo sezivusiwe ekufeni noma seziguquliwe.

Ziningi izinkomba emibhalweni engcwele ezimaqondana nemisebenzi yezingelosi. Kwesinye isikhathi izingelosi zikhuluma ngezwi lendudumo ngesikhathi zethula umyalezo kaNkulunkulu (Mosiya 27:11–16). Amadoda alungileyo asemhlabeni nawo angabizwa ngezingelosi (HJS, Gen. 19:15 [Isithasiselo]). Ezinye izingelosi zisebenza ngase sihlalweni sobukhosi sikaNkulunkulu ezulwini (Alima 36:22).

Imibhalo engcwele ikhuluma futhi nangezingelo zikadeveli. Lezi yileyo mimoya eyalandela uLusifa futhi eyakhishwa ngaphandle kwalapho kukhona khona uNkulunkulu empilweni eyandulela eyasemhlabeni futhi eyaphonswa phansi emhlabeni (IsAmb. 12:1–9; 2 Nefi 9:9, 16; Mf&V 29:36–37).