ImiBhalo eNgcwele
IMfundiso neziVumelwano 13


Isigaba 13

Ingxenye ethathwe emlandweni ka Joseph Smith echaza ngokugcotshwa kuka mPhrofethi no-Oliver Cowdery ukuba babe nobuPhristi buka-Aroni eduze neHarmony, ePennsylvania, ngomhlaka 15 Meyi 1829. Lokhu kugcotshwa kwenziwa ngezandla zengelosi eyazibiza ngoJohane, yena kanye lowo obizwa ngoJohane umBhabhadisi eTestamenteni eliSha. Ingelosi yachaza ukuthi yayenza njengokuyalelwa nguPetru, noJakobe, noJohane abaPhostoli basemandulo, ababephethe izikhiye zobuphristi obukhulu, obabubizwa ngokuthi ubuPhristi bukaMelkisedeki. UJoseph no-Oliver bathenjiswa ukuthi babe zonikezwa lobu buphristi obukhulu ngesikhathi esifanele. (Bheka isigaba 27:7–8, 12.)

Izikhiye namandla obuPhristi buka-Aroni kubekwa obala nguJohane umBhabhadisi.

1 Phezu kwenu zinceku ezisebenza nami, egameni likaMesiya angiyani nika bubuPhristi buka-Aroni, obuphethe izikhiye zokusetshenzelwa yizi cngelosi, futhi nezevangeli dlokuphenduka, nezoku ebhabhadisa ngokucwiliswa ukuze kuthethelelwe izono; futhi lokhu ngeke kuphinde kuthathwe emhlabeni, kuze kube famadodana kaLevi aphinde futhi anikele umnikelo eNkosini gngokulunga.