ImiBhalo eNgcwele
IMfundiso neziVumelwano 87


Isigaba 87

Isambulo nesiphrofetho ngempi, esanikwa ngoJoseph Smith umPhrofethi, eKirtland noma maduzane nakhona, ngomhlaka 25 Disemba, 1832. Kulesi sikhathi kwakukhona impikiswano ezweni lase Melika mayelana nobugqili futhi ukuchithwa kokukhokhwa nokuqoqwa kwezimali kwaseSouth Carolina nokwakufunwa wumkhandlu ophetheyo wase Melika kwase kwandile. Umlando ka Joseph Smith uthi “ukuvela kwezinkathazo phakathi kwezizwe” kwase kuqala “ukubonakala kakhulu” kumPhrofethi “kunanga phambilini selokhu iBandla laqala uhambo lwalo liphuma ehlane.”

1–4, Impi iyabikezelwa phakathi kweziFundazwe zaseNyakatho neziFundazwe zaseNingizimu; 5–8, Izehlakalo ezinzima zizowela phezu kwabantu basemhlabeni.

1 Ngiqinisile, isho kanje iNkosi ngokuphathele nezimpi ezizokwenzeka maduze, kusukela kuthuthuva lwase aSouth Carolina, ekugcineni oluzophetha ngokufa nosizi lwabantu abaningi;

2 Futhi isikhathi sizoza lapho aimpi izothululwa phezu kwezizwe zonke, kusukela kulendawo.

3 Ngokuba bhekani, iziFundazwe zaseNingizimu ziyozihlukanisa ngokumelene neziFundazwe zaseNyakatho, futhi iziFundazwe zaseNingizimu zizobiza ezinye izizwe, ngisho isizwe saseBrithani, njengoba sibizwa kanjalo, futhi nabo bazobiza ezinye izizwe, ukuze bazivikele kwezinye izizwe; futhi emva kwalokho aimpi izothululwa phezu kwezizwe zonke.

4 Futhi kuyokwenzeka, emva kwezinsuku eziningi, aizigqila ziyovukela abaphathi bazo, abayovivela futhi baqeqeshelwe impi.

5 Futhi kuyokwenzeka futhi ukuthi insali esele yendawo izoviva, futhi iyoba nolaka olukhulu, futhi iyohlupha abeZizwe ngezinhlupho ezinzima.

6 Futhi ngalokho, ngenkemba nangokuchitheka kwegazi abantu basemhlabeni abayolila; futhi bngendlala, nangezifo ezibhubhisayo, nokuzamazama komhlaba, futhi nokuduma kwezulu, nangombani onolaka nokukhanya okukhulu, abantu basemhlabeni bayokwenziwa baluzwe ulaka, nentukuthelo, futhi nesandla cesijezisayo sikaNkulunkulu uMninimandla Onke, kuze kube imbubhiso eshiwo disiqede zonke izizwe ngokupheleleyo;

7 Ukuze ukukhala kwabangcwele, nokwe agazi labangcwele, kuyogcina ukuza ezindlebeni zeNkosi bSebawoti, lisuka emhlabeni, ukuze baphindiselelwe ezitheni zabo.

8 Ngalokho-ke, ayimani ezindaweni ezingcwele, futhi ninganyakaziswa, kuze kufike usuku lweNkosi; ngokuba bhekani, luyeza bmasinyane, kusho iNkosi. Amen.