ImiBhalo eNgcwele
IMfundiso neziVumelwano 37


Isigaba 37

Isambulo esanikwa uJoseph Smith umPhrofethi noSidney Rigdon, eduze naseFayette, eNew York, ngoDisemba 1830. Kulesi sambulo kunikwe umyalelo wokuqala ophathelene nokuqoqana kulolu hlelo lokwengamela.

1–4, AbaNgcwele babizelwa ukuba babuthane e-Ohio.

1 Bhekani, ngithi kini akudingekile kimi ukuthi anihumushe okunye nize niye e-Ohio, futhi lokhu kungenxa yesitha nangenxa yenu.

2 Futhi phezu kwalokho, ngithi kini aniyikuhamba nize nishumayele ivangeli lami kulezo zingxenye, futhi seniqinise ibandla ndawozonke lapho litholakala khona, futhi ikakhulukazi aeColesville; ngokuba, bhekani, bakhuleka kimi ngokholo olukhulu.

3 Futhi phezu kwalokho, umyalelo ngiwunika ibandla, ukuthi kudingekile kimi ukuba babuthane ndawonye ae-Ohio, ngokuphambana nesikhathi lapho inceku yami u-Oliver Cowdery ayobuya kubo ngaso.

4 Bhekani, nakhu ukuhlakanipha, futhi wonke umuntu amakazikhethele ngize ngize. Ngisho kanjalo. Amen.