ImiBhalo eNgcwele
IMfundiso neziVumelwano 105


Isigaba 105

Isambulo esanikwa ngoJoseph Smith umPhrofethi, eMfuleni iFishing, eMissouri, ngomhlaka 22 Juni, 1834. AbaNgcwele ababesuka e-Ohio nakwezinye izindawo bahamba baya eMissouri, beholwa ngumPhrofethi uJoseph Smith ohambeni olwagcina selwaziwa ngokuthi yiNkambu yeSiyoni. Inhloso yabo kwakunguku phelezela abaNgcwele ababe xoshiwe abase behlala eMissouri ukuba babuyele ezindaweni zabo esiFundeni iJackson. Abantu base Missouri ababe hluphe abaNgcwele phambilini babe saba impindiselo yeNkambu yeSiyoni, babe sebehlasela abaNgcwele ababehlala esiFundeni iClay, eMissouri, ukuze bavimbele leyo mpindiselo. Emva kokuthi umbusi wase Missouri esesi hoxisile isethembiso sakhe sokulekelela abaNgcwele, uJoseph Smith wathola lesi sambulo.

1–5, ISiyoni izokwakhiwa ngokulandela umthetho wesilestiyali; 6–13, Ukusindiswa kweSiyoni kuhlehlisiwe okwesikhashana; 14–19, INkosi izozilwa izimpi zeSiyoni; 20–26, AbaNgcwele kufanele bahlakaniphe futhi bangazigabisi ngemisebenzi emikhulu ngesikhathi behlangana; 27–30, Imihlaba eseJackson nasezifundeni ezakhelene kufanele ithengwe; 31–34, Amagosa azophiwa izipho zomoya endlini yeNkosi eseKirtland; 35–37, AbaNgcwele ababiziwe futhi nabakhethiweyo bazongcweliswa; 38–41, AbaNgcwele kufanele baphakamise isibonakaliso sokuthula emhlabeni.

1 Ngiqinisile ngithi kini enizihlanganise ndawonye ukuze nifumane ulwazi ngentando yami ngoku abuyiselwa kwabantu bami esimweni sabo abahlushiwe—

2 Bhekani, ngithi kini, ukuba bekunge ngenxa ye aziphambeko zabantu bami, ngikhuluma ngokuphathelene nebandla hhayi ngabantu ngabanye, ngabe sebebuyiselwe esimweni sabo ngisho manje.

3 Kodwa bhekani, abafundile ukwenza izinto engizidinga ezandleni zabo, kodwa bagcwele lonke uhlobo lobubi, futhi aababelani izinto zabo, njengokufanele abangcwele, kwabampofu nabahlushiweyo phakathi kwabo;

4 Futhi aba amunye ngokokuba munye okudingwa wumthetho wombuso wesilestiyali;

5 Futhi auSiyoni ngeke akhiwe bngaphandle kwemigomo yo cmthetho wombuso wesilestiyali; kungenjalo angikwazi ukumamukela kimi.

6 Futhi abantu bami kudingeka abajeziswe baze bafunde bukulalela, uma kudingekile, ngezinto abezwa ubuhlungu ngazo.

7 Angikhulumi ngalabo ababekelwe ukuhola abantu bami, abanga amagosa okuqala ebandla lami, ngokuba akubona bonke abangaphansi kwalokhu kubekwa icala;

8 Kodwa ngikhuluma ngamabandla ami akude—baningi abazothi: Uphi uNkulunkulu wabo na? Bhekani, uzobakhulula ngesikhathi sobunzima, kungenjalo ngeke siye eSiyoni, futhi sizozi godla izimali zethu.

9 Ngakho-ke, ngenxa ye aziphambeko zabantu bami, ngibona kufanele ukuba amagosa ami alinde isikhashana kuze kubuyiselwe iSiyoni—

10 Ukuze bona uqobo balungiswe, futhi nokuba abantu bami bafundiswe ngokuphelele kakhudlwana, futhi bathole ithuba lokuzenzela, futhi bazi kakhudlwana ngokuphathelene anomsebenzi wabo, futhi nezinto engizidinga ezandleni zabo.

11 Futhi lokhu ngeke kwenzeke kuze kube aamagosa ami baphiwa amandla avela phezulu.

12 Ngokuba bhekani, ngilungise izipho zomoya ezinkulu nesibusiso ukuba akuthululwe phezu kwabo, kangangoba bethembekile futhi beqhubeka ngokuzithoba phambi kwami.

13 Ngakho-ke ngibona kufanele ukuba amagosa ami alinde isikhashana, kuze kubuyiselwe iSiyoni.

14 Ngokuba bhekani, angikufuni ezandleni zabo ukuthi balwe izimpi zeSiyoni; ngokuba, njengoba ngishilo emyalelweni ongaphambili, ngisho kanjalo-ke ngiyokugcwalisa lokho—angizozilwa izimpi zenu.

15 Bhekani, aumbhubhisi ngimthumele ukuba abhubhise futhi achithe izitha zami; futhi iminyaka engeminingi kusuka manje bayobe bengasekho ukungcolisa ifa lami, noku bjivaza igama lami emihlabeni engiyi cngcwelisele ukuba kuqoqane ndawonye abangcwele bami.

16 Bhekani, ngiyale inceku yami uJoseph Smith, omNcane, ukuba athi aemandleni endlu yami, ngisho amabutho ami, izinsizwa zami, naba neminyaka emaphakathi, mabaqoqane ndawonye ukubuyisela abantu bami, futhi badilize imibhoshongo yezitha zami, futhi bahlakaze babaqaphi babo;

17 Kodwa amandla endlu yami awaka walaleli amazwi ami.

18 Kodwa kangangoba kunalabo abawalalelayo amazwi ami, ngibalungisele isibusiso anesipho somoya, uma beqhubeka ngokuthembeka.

19 Ngiyizwile imikhuleko yabo, futhi ngizowemukela umnikelo wabo; futhi ngikubona kufanele ukuba balethwe kuze kube lapha ukuze kuvivinywe aukholo labo.

20 Manje, ngiqinisile ngithi kini, umyalelo ngini nika wona, wokuthi kangangoba bebaningi abeze lapha, abangahlala esifundeni esiseduze, mabahlale;

21 Futhi labo abangeke bahlale, abanemindeni empumalanga, mabahlale isikhashana, kangangoba inceku yami uJoseph eyobakhombisa;

22 Ngokuba ngizomluleka ngaloludaba, futhi zonke izinto noma yini ayobabela yona iyogcwaliseka.

23 Futhi abantu bami bonke abahlala ezifundeni eziseduzane mabathembeke kakhulu, futhi bakhuleke, futhi bazithobe phambi kwami, futhi bangazambuli izinto engizambule kubo, kuze kube ngukuhlakanipha kimi ukuba zambulwe.

24 Ningakhulumi ngokwahlulelwa, ninga azigabisi ngokukholwa noma ngemisebenzi emikhulu, kodwa qoqanani ndawonye ngokucophelela, ngobuningi benu esifundeni esisodwa, ngokuvumelana nemizwa yabantu;

25 Futhi bhekani, ngizoni nika umusa emehlweni abo, ukuze niphumule ngo akuthula nangokuphepha, ngesikhathi nithi kubantu: Senzeleni ukwahlulela nokulunga ngokomthetho, futhi nisilungisele ekoniweni kwethu.

26 Manje, bhekani, ngithi kini, bahlobo bami, ngalendlela ningathola umusa emehlweni abantu, kuze kube aibutho lika-Israyeli liba likhulu kakhulu.

27 Futhi ngizozi thambisa izinhliziyo zabantu, njengoba ngenza enhliziyweni ka aFaro, izikhathi ngezikhathi, kuze kube inceku yami uJoseph Smith, omNcane, namagosa ami, engiwabekile, babe nesikhathi sokuqoqa amandla endlu yami,

28 Futhi nokuthumela aamadoda ahlakaniphileyo, ukugcwalisa lokho engikuyalile ngokuphathelene bnokuthengwa kwayo yonke imihlaba esifundeni saseJackson engathengwa, nasezi fundazweni eziseduzane.

29 Ngokuba kuyintando yami ukuba lemihlaba ithengwe; futhi emva kokuba ithengiwe ukuba abangcwele bami ibe ngeyabo ngokwe amithetho yokunikela engiyinikile.

30 Futhi emva kokuthengwa kwale mihlaba, angiyukuwabeka cala aamabutho ka-Israyeli ngokuthatha imihlaba yabo, ababeyithengile kuqala ngezimali zabo, nokuchitha imibhoshongo yezitha zami engaba phezu kwabo, nokuhlakaza abaqaphi bazo, nokungi bphindiselela ezitheni zami esizukulwaneni sesithathu nese sine salabo abangizondayo.

31 Kodwa ibutho lami malibe likhulu kuqala, futhi amalingcweliswe phambi kwami, ukuze libe lihle njengelanga, futhi licwebe bnjengenyanga, futhi ukuze izibonakaliso zabo zesabeke kuzo zonke izizwe;

32 Ukuze imibuso yalomhlaba iphoqeleke ukuvuma ukuthi umbuso weSiyoni impela aungumbuso kaNkulunkulu wethu noKristu wakhe; ngakho-ke, masibe bphansi kwemithetho yakhe.

33 Ngiqinisile ngithi kini, ngibona kufanele ukuba amagosa ebandla lami okuqala athole aizipho zabo zomoya ezivela phezulu endlini yami, engiyalile ukuba yakhiwe egameni lami ezweni laseKirtland.

34 Futhi leyo miyalo engiyinikile ngokuphathelene noSiyoni anomthetho wakhe mayenziwe futhi mayigcwaliseke, emva kokubuyiselwa kwakhe.

35 Kube nosuku loku abizwa, kodwa isikhathi sesifikile sosuku lokukhetha; futhi labo abakhethiweyo bmabafaneleke.

36 Futhi kuzovezwa kuyo inceku yami, ngezwi likaMoya, labo aabakhethiweyo; futhi bayo bngcweliswa;

37 Futhi kangangoba belandela aiziyalo abazitholile, bazokuba namandla emuva kwezinsuku eziningi okufeza zonke izinto eziphathelene neSiyoni.

38 Futhi phezu kwalokho ngithi kini, ncengani ukuthula, hhayi kubantu kuphela abanishayile, kodwa futhi nakubo bonke abantu;

39 Futhi phakamisani aisibonakaliso bsokuthula, futhi nenze isimemezelo sokuthula siye emikhawulweni yomhlaba;

40 Futhi yenzani iziphakamiso zokuthula kulabo abanishayile, ngokwezwi loMoya elikini, futhi azonke izinto ziyosebenzelana ukuze kube kuhle kini.

41 Ngakho-ke, thembekani; futhi bhekani, futhi bheka, anginani ngisho kuze kube sekugcineni. Ngisho kanjalo. Amen.