ImiBhalo eNgcwele
IMfundiso neziVumelwano 74


Isigaba 74

Isambulo esanikwa uJoseph Smith umPhrofethi, esiFundeni sase Wayne, eNew York, ngonyaka ka 1830. Ngisho nanga phambi kokuba iBandla limiswe, imibuzo yayilokhu ikhona mayelana nokuthi iyiphi indlela okuyiyo yokubhabhadisa, okwabangela ukuthi umPhrofethi afune ukucaciseleka ngaloludaba. Umlando ka Joseph Smith uthi lesi sambulo siyincazelo yalencwadi Ⅰ kwabaKorinte 7:14, okuyiyona ncwadi eyayisetshenziswa ukunika isizathu sokubhabhadiswa kwabantwana.

1–5, UPawulu weluleka iBandla langesikhathi sakhe ukuthi bangawugcini umthetho kaMose; 6–7, Abantwana abancane bangcwele futhi bangcweliswa ngeNhlawulo.

1 Ngokuba aindoda engakholwayo ingcwelisiwe ngomfazi, nomfazi ongakholwayo ungcwelisiwe ngendoda; uma kungenjalo abantwana benu ngabe bangcolile, kodwa manje bangcwele.

2 Manje, ezinsukwini zabaphostoli umthetho wokusokwa wawenziwa phakathi kwawo wonke amaJuda ayengalikholwa ivangeli likaJesu Kristu.

3 Futhi kwenzeka ukuthi kwaqubuka aimpikiswano enkulu phakathi kwabantu ngokuphathelene nomthetho bwokusoka, ngokuba umyeni ongakholwayo wayefisa ukuthi abantwana bakhe basokwe futhi babe ngaphansi ckomthetho kaMose, lowomthetho owawusugcwalisekile.

4 Futhi kwenzeka ukuthi abantwana, bekhuliswe ngaphansi komthetho kaMose, banaka aamasiko oyise futhi bangalikholwa ivangeli likaKristu, ngalokho abazange babe ngabangcwele.

5 Ngalokho-ke, ngalenhloso umphostoli wabhalela ibandla, ebanikeza umyalelo, okwakungewona oweNkosi, kodwa okwakungowakhe, ukuthi ikholwa amalingahlangani nongakholwayo; ngaphandle uma bumthetho kaMose uchithiwe phakathi kwabo,

6 Ukuze abantwana babo bahlale bengasokiwe; futhi ukuze isiko lichithwe, elalithi abantwana abancane abekho ngcwele; ngokuba lalenziwa phakathi kwamaJuda;

7 Kodwa aabantwana abancane bbangcwele, cbengcweliswe dngenhlawulo kaJesu Kristu; futhi yikho lokhu okuchazwa yimibhalo engcwele.