ImiBhalo eNgcwele
IMfundiso neziVumelwano 119


Isigaba 119

Isambulo esanikwa ngoJoseph Smith umPhrofethi, eFar West, eMissouri, ngomhlaka 8 Julayi 1838, kuphendulwa umkhuleko wokunxusa owawuthi: “O Nkosi! Tshengisa izinceku zakho ukuthi kungakanani okudingayo kwempahla yabantu bakho okuzoba okweshumi.” Umthetho wokweshumi, njengoba waziwa namhlanje, wawungakanikwa eBandleni ngaphambi kwalesi sambulo. Igama elithi okweshumi emkhulekweni osanda kushiwo futhi nasezambulweni zaphambilini (64:23; 85:3; 97:11) lalingasho okukodwa kweshumi, kodwa lalisho yonke iminikelo yesihle, noma okuya esikhwameni seBandla. INkosi yayike phambilini yanika iBandla umthetho wokungcwelisa nowokuphathwa kwempahla, amalungu (ikakhulu amagosa aholayo) ayengena kuwo ngesivumelwano okwakufanele sibe ngesaphakade. Ngenxa yokwehluleka kwabaningi ukugcina lesi sivumelwano, iNkosi yawususa okwesikhathi yase inika esikhundleni sawo umthetho wokweshumi eBandleni lonke. UmPhrofethi wabuza iNkosi ukuthi kungakanani okwempahla yabo ekufunayo ukuze kufezwe izinhloso ezingcwele. Impendulo kwaba yilesi sambulo.

1–5, AbaNgcwele kufanele bakhokhe impahla yabo eseleyo futhi bese benikela, njengokweshumi, okukodwa eshumini kwenzuzo yabo ngonyaka; 6–7, Inqubo enjalo izolingcwelisa izwe laseSiyoni.

1 Ngiqnisile, isho kanje iNkosi, ngifuna yonke aimpahla yabo eseleyo ukuba ibekwe ezandleni zikambhishobhi webandla lami eSiyoni,

2 Ukuze kwakhiwe aindlu yami, futhi ukuze kubekwe isisekelo seSiyoni nesobuphristi, futhi ukuze kukhokhwe izikweletu zobuMongameli beBandla lami.

3 Futhi lokhu kuyokuba yisiqalo so akweshumi kwabantu bami.

4 Futhi emva kwalokho, labo abakhokhe okweshumi ngalendlela bayokhokha okukodwa eshumini kwayo yonke inzuzo yabo ngonyaka; futhi lokhu kuyoba umthetho omileyo kubo ingunaphakade, owenzelwe ubuphristi bami obungcwele, kusho iNkosi.

5 Ngiqinisile ngithi kini, kuyokwenzeka ukuthi bonke labo ababuthanela ezweni lase aSiyoni bayokhokha okweshumi okuseleyo kwezimpahla zabo, futhi bayowugcina lomthetho, noma ngeke batholakale befanele ukuhlala phakathi kwenu.

6 Futhi ngithi kini, uma abantu bami bengawugcini lomthetho, ukuze bawugcine ungcwele, futhi ngalomthetho balingcwelise izwe lase aSiyoni kimi, ukuze imithetho yami emisiweyo nokwahlulela kwami kugcinwe lapho, ukuze libe ngcwele kakhulu, bhekani, ngiqinisile ngithi kini, ngeke libe yizwe laseSiyoni kini.

7 Futhi lokhu kuyoba yisibonelo kuzo zonke aizikhonkwane ziseSiyoni. Ngisho kanjalo. Amen.