ImiBhalo eNgcwele
IMfundiso neziVumelwano 91


Isigaba 91

Isambulo esanikwa ngoJoseph Smith umPhrofethi, eKirtland, e-Ohio, ngomhlaka 9 Mashi 1833. UmPhrofethi ngalesi sikhathi wayese msebenzini wokuhumusha iTestamente eliDala. Ngesikhathi efika kuleyo ngxenye yemibhalo yakudala ebizwa ngokuthi yi-Aphokhrifa, wabuza eNkosini wase ethola lomyalelo.

1–3, I-Aphokhrifa ihunyushwe ngokuyikho ikakulu kodwa iqukethe izijobelelo zamagama eziningi ngezandla zabantu ezingelona iqiniso; 4–6, Isiza labo abakhanyiselwe nguMoya.

1 Ngiqinisile, isho kanje iNkosi kini nge-aAphokhrifa—Ziningi izinto eziqukethwe kuyo eziliqiniso, futhi ikakhulu ihunyushwe ngokuyikho;

2 Ziningi izinto eziqukethwe kuyo ezingelona iqiniso, eziyizijobelelo ngezandla zabantu.

3 Ngiqinisile, ngithi kini, akudingekile ukuba i-Aphokhrifa ihunyushwe.

4 Ngakho-ke, lowo oyifundayo, amakaqonde, ngokuba uMoya uyaliveza iqiniso;

5 Futhi lowo okhanyiselwe anguMoya uyofumana inzuzo kuyo;

6 Futhi lowo ongafumani ukukhanyiselwa nguMoya, ngeke asizakale. Ngakho-ke akudingekile ukuba ihunyushwe. Amen.