ImiBhalo eNgcwele
IMfundiso neziVumelwano 115


Isigaba 115

Isambulo esanikwa ngoJoseph Smith umPhrofethi, eFar West, eMissouri, ngomhlaka 26 Epreli 1838, esazisa ngentando kaNkulunkulu ngokuphathelene nokwakhiwa kwaleyo ndawo kanye nendlu yeNkosi. Lesi sambulo siqondiswe kubaphathi abengamelayo nakumalungu eBandla.

1–4, INkosi iqamba ibandla Layo ngokuthi IBandla likaJesu Kristu labaNgcwele beziNsuku zokuGcina; 5–6, USiyoni nezikhonkwane zakhe bayizindawo zokuvikeleka nezokuphephela zabaNgcwele; 7–16, AbaNgcwele bayalwa ukuba bakhe indlu yeNkosi eFar West; 17–19, UJoseph Smith uphethe izikhiye zombuso kaNkulunkulu emhlabeni.

1 Ngiqinisile isho kanje iNkosi kuwe, nceku yami auJoseph Smith, omNcane, futhi nakuwe nceku yami buSidney Rigdon, futhi nakuwe nceku yami cuHyrum Smith, futhi nakubeluleki bakho ababekwayo futhi nabazobekwa emva kwalokhu;

2 Futhi nakuwe, nceku yami au-Edward Partridge, nakubeluleki bakhe;

3 Futhi nakuzo izinceku zami ezithembekileyo ezingabomkhandlu omkhulu webandla lami eSiyoni, ngokuba liyobizwa kanjalo, futhi nakuwo wonke amagosa nabantu beBandla likaJesu Kristu labaNgcwele beziNsuku zokuGcina lami, abasabalele ndawo zonke emhlabeni wonke;

4 Ngokuba liyobizwa kanjena aibandla lami ngezinsuku zokugcina, ngisho bIBandla likaJesu Kristu labaNgcwele beziNsuku zokuGcina.

5 Ngiqinisile ngithi kini nonke: aSukumani futhi nikhanye, ukuze ukukhanya kwenu kube bumgomo wezizwe;

6 Futhi ukuze aukuqoqana ndawonye ezweni lase bSiyoni, nakuzo cizikhonkwane zakhe, kube okokuvikeleka, dnokuphepha kuso isichotho, nakulo ulaka uma selu ethululwa lungaxutshiwe emhlabeni wonke.

7 Idolobha, iFar West, malibe umhlaba aongcwele nongcweliselwe mina; futhi liyobizwa ngokuthi elingcwele kakhulu, ngokuba umhlabathi enime kuwo ungcwele.

8 Ngakho-ke, nginiyala ukuba aningakhele indlu, ukuze kuqoqane ndawonye kuyo abangcwele bami, ukuze bbangikhonze.

9 Futhi makube khona isiqalo salomsebenzi, nesisekelo, nomsebenzi wokulungiselela, ngalelihlobo elilandelayo;

10 Futhi makwenziwe isiqalo ngosuku lwesine kuJulayi olandelayo; futhi kusuka ngaleso sikhathi kuya phambili abantu bami mabasebenze ngokukhuthala ukwakha indlu egameni lami;

11 Futhi ngo anyaka owodwa kusuka ngalolusuku mabaqale futhi babeke isisekelo bsendlu yami.

12 Ngalesi sizathu mabasebenze ngokukhuthala kusuka ngaleso sikhathi kuya phambili kuze kube iyaqedwa, kusuka etsheni lesisekelo layo kuya phezulu, kuze kungabi bikho lutho lwayo olungaqediwe.

13 Ngiqinisile ngithi kini, inceku yami uJoseph, nenceku yami uSidney, nenceku yami uHyrum, mabangabe besangena ezikweletini ngokwakha indlu egameni lami;

14 Kodwa indlu mayakhiwe egameni lami ngokwe asifanekiso engiyobatshengisa sona.

15 Futhi uma abantu bami bengayakhi ngokwesifanekiso engiyositshengisa ubumongameli babo, ngeke ngiyamukele ezandleni zabo.

16 Kodwa uma abantu bami beyakha ngokwesifanekiso engiyositshengisa ubumongameli babo, ngisho inceku yami uJoseph nabeluleki bakhe, uma kunjalo ngizoyamukela ezandleni zabantu bami.

17 Futhi phezu kwalokho, ngiqinisile ngithi kini, kuyintando yami ukuthi idolobha laseFar West kufanele lakhiwe ngokushesha ngokuqoqana kwabangcwele bami;

18 Futhi nokuthi ezinye izindawo kufanele zimiselwe ukuba ayizikhonkwane ndawo zonke, njengoba kuyoboniswa inceku yami uJoseph, izikhathi ngezikhathi.

19 Ngokuba bhekani, ngizoba naye, futhi ngizomngcwelisa phambi kwabantu; ngokuba kuye nginike aizikhiye zalombuso nobufundisi. Ngisho kanjalo. Amen.