ImiBhalo eNgcwele
IMfundiso neziVumelwano 108


Isigaba 108

Isambulo esanikwa ngoJoseph Smith umPhrofethi, eKirtland, e-Ohio, ngomhlaka 26 Disemba, 1835. Lesi sigaba satholakala ngenxa yesicelo sikaLyman Sherman, owayegcotshwe phambilini waba ngowamashumi ayisikhombisa futhi noweza kumPhrofethi ecela ukuba kutholakale isambulo ukuze kwaziswe ngokwakufanele akwenze.

1–3, ULyman Sherman uthethelelwe izono zakhe; 4–5, Kufanele abalwe namagosa aholayo eBandla; 6–8, Ubizelwa ukuba ashumayele ivangeli futhi nokuthi aqinise abafowabo ahola nabo.

1 Ngiqinisile isho kanje iNkosi kuwe, nceku yami uLyman: Izono zakho zixolelwe, ngokuba ulithobelile izwi lami ngokuza lapha namhlanje ekuseni ukuzofumana iseluleko kulowo engimbekile.

2 Ngakho-ke, umphefumulo wakho mawu aphumule ngokuma kwakho ngokomoya, futhi ungabe usalenqaba izwi lami.

3 Futhi sukuma futhi uqaphele kakhulu kusuka manje ekugcineni izifungo zakho, ozenzile nozenzayo, futhi uyobusiswa ngezibusiso ezinkulu kakhulu.

4 Linda ngokubekezela kuze kubizwe aumhlangano onesizotha wezinceku zami, ngaleso sikhathi uyokhunjulwa njengengxenye yamagosa ami okuqala, futhi ufumane ilungelo ngokugcotshwa nawo wonke amagosa engiwakhethileyo.

5 Bheka, lesi ayisethembiso sikaBaba kuwe uma uqhubeka uthembekile.

6 Futhi siyogcwaliseka kuwe ngalolo suku lapho uyoba nelungelo loku ashumayela ivangeli noma yikuphi lapho engiyokuthumela khona, kusuka ngaleso sikhathi.

7 Ngakho-ke, aqinisa abafowenu ohola nabo kuyo yonke inkulumo yakho, kuyo yonke imikhuleko yakho, kukho konke ukuyala kwakho, nakukho konke ukwenza kwakho.

8 Bheka, futhi bheka, nginawe ukukubusisa noku akukhulula ingunaphakade. Amen.