ImiBhalo eNgcwele
IMfundiso neziVumelwano 57


Isigaba 57

Isambulo esanikwa ngoJoseph Smith umPhrofethi, eSiyoni, kwisiFunda iJackson, eMissouri, ngomhlaka 20 Julayi 1831. Ngokuvumelana nomyalelo weNkosi wokuba bahambe baye eMissouri, lapho eyayizokwembula khona “izwe lefa lenu” (isigaba 52), amagosa ayehambe esuka e-Ohio aya emngceleni ongase ntshonalanga yeMissouri. UJoseph Smith wacabanga ngesimo samaLamani wase ezibuza ethi: “Lizoqhakaza nini ihlane njengembali na? ISiyoni iyokwakhiwa nini ibe senkazimulweni yayo, futhi liyoma kuphi ithempeli Lakho, eziyoza kulo zonke izizwe ngezinsuku zokugcina na?” Kamuva wathola lesi sambulo.

1–3, I-Independence, eMissouri, yindawo yeDolobha laseSiyoni nethempeli; 4–7, AbaNgcwele kufanele bathenge imihlaba futhi bathole amafa kuleyo ndawo; 8–16, USidney Gilbert kufanele amise isitolo, uWilliam W. Phelps kufanele abe ngumgayi wezincwadi, futhi u-Oliver Cowdery kufanele ahlele okubhaliweyo okuzokhishwa emphakathini.

1 Lalelani, O nina magosa ebandla lami, kusho iNkosi uNkulunkulu wenu, nina enibuthene ndawonye, ngokwemiyalelo yami, kulelizwe, okuyizwe lase aMissouri, bokuyizwe cengilingcwelisele futhi ngalinikela dukuqoqwa kwabangcwele.

2 Ngalokho-ke, leli yizwe lesethembiso, futhi anendawo yedolobha lase bSiyoni.

3 Futhi isho kanje iNkosi uNkulunkulu wenu, uma nizokwamukela ukuhlakanipha nakhu ukuhlakanipha. Bhekani, indawo ebizwa manje ngokuthi yi-Independence iyindawo ephakathi nendawo; futhi nendawo ye athempeli ingasentshonalanga, phezu kwengxenye yomhlaba ongekude nenkantolo.

4 Ngalokho-ke, kungukuhlakanipha ukuthi umhlaba kufanele authengwe ngabangcwele, nayo yonke imihlaba engasentshonalanga, ngisho kuze kube semnceleni ohamba uqonde phakathi kwa bmaJuda nabeZizwe;

5 Futhi nayo yonke imihlaba esemceleni wenkangala, kangangoba abafundi bami bevunyelwa aukuthenga imihlaba. Bhekani, lokhu kungukuhlakanipha, ukuba bbayithole ukuze ibe yifa laphakade.

6 Futhi inceku yami uSidney Gilbert makasebenze esikhundleni engimbeke kuso, ukwamukela izimali, ukuba awumphatheli webandla, ukuthenga umhlaba kuzo zonke izifunda eziseduze, kangangoba kungenzeka ngokulunga, nangokuqondiswa wukuhlakanipha.

7 Futhi inceku yami au-Edward Partridge makasebenze esikhundleni engimbeke kuso, futhi bahlukanisele abangcwele ifa labo, ngisho njengoba ngiyalile; futhi nalabo ababekile ukuba bamlekelele.

8 Futhi, ngiqinisile ngithi kini, inceku yami uSidney Gilbert makazinze kulendawo, futhi amise isitolo, ukuze adayise izimpahla ngaphandle kwenkohlakalo, ukuze azuze imali yokuthenga imihlaba ukuze kuzuze abangcwele, futhi ukuze azuze nanoma yini abafundi abangayidinga ukuba bazinze efeni labo.

9 Futhi inceku yami uSidney Gilbert nayo mayithole imvume—bhekani nakhu ukuhlakanipha, futhi lowo ofundayo makaqonde—ukuze athumele izimpahla futhi kubantu, ngisho ngalabo angathanda ukuthumela ngabo njengomabhalane abaqashiwe ukumsebenzela;

10 Futhi ngaleyondlela ondle abangcwele bami, ukuze ivangeli lami lishunyayelwe kulabo abahleli aebumnyameni nasesifundeni futhi nabase bthunzini lokufa.

11 Futhi phezu kwalokho, ngiqinisile ngithi kini, inceku yami auWilliam W. Phelps makazinziswe kulendawo, futhi amiswe njengo bmgayi wezincwadi webandla.

12 Futhi bheka, uma umhlaba uyamukela imibhalo yakhe—bheka nakhu ukuhlakanipha—makathole noma yini angayithola ngokulunga, ukuze kuzuze abangcwele.

13 Futhi inceku yami au-Oliver Cowdery makamsize, ngisho njengoba ngiyalile, kunoma iyiphi indawo engiyommisela yona, ukwenza isifanekiso, futhi alungise, futhi akhethe, ukuze zonke izinto zilunge phambi kwami, njengoba ziyoboniswa nguMoya ngaye.

14 Futhi labo engikhulume ngabo mabazinziswe ezweni laseSiyoni, ngokushesha okungenzeka, nemindeni yabo, ukuze benze lezo zinto ngisho njengoba sengikhulumile.

15 Manje ngokuphathene nokubuthana—Umbhishobhi nomphatheli mabenze amalungiselelo aleyo mindeni esiyaliwe ukuza kulendawo, ngokushesha okunokwenzeka, futhi babazinzise efeni labo.

16 Kulawo asele amagosa namalungu ezinye iziyalelo zizonikwa emva kwalokhu. Ngisho kanjalo. Amen.