ImiBhalo eNgcwele
IMfundiso neziVumelwano 100


Isigaba 100

Isambulo esanikwa kuJoseph Smith umPhrofethi noSidney Rigdon, ePerrysburg, eNew York, ngomhlaka 12 Oktoba, 1833. Laba zalwane bobabili, ngenxa yokuthi babe bengekho emindenini yabo izinsuku eziningana, baba nokukhathazeka ngayo.

1–4, UJoseph noSidney kufanele bashumayele ivangeli ukuze kusindiswe abantu; 5–8, Bazonikwa ngaso leso sikhathi okuzofanele bakusho; 9–12, USidney kufanele abe ngumkhulumeli futhi uJoseph kufanele abe ngumambuli futhi abe namandla ebufakazini; 13–17, INkosi izovusa abantu abamsulwa, futhi abalalelayo bazosindiswa.

1 Ngiqinisile, isho kanje iNkosi kini, bahlobo bami auSidney bnoJoseph, imindeni yenu iyaphila; isezandleni zami, futhi ngizokwenza kubo njengoba kubonakala kukuhle kimi; ngokuba kimi kunamandla onke.

2 Ngakho-ke, ngilandeleni, futhi nilalele iziyalo engiyoni nika zona.

3 Bhekani, futhi bheka, nginabantu abaningi kulendawo, ezifundeni ndawo zonke; futhi umnyango omkhulu wethuba lokusebenza uyovuleka ezifundeni eziseduze kulendawo engasempumalanga.

4 Ngakho-ke, mina, iNkosi, nginivumele ukuba nize kulendawo; ngokuba ngokwenze njalo ngakubona kufanele ukuze akusindiswe abantu.

5 Ngakho-ke, ngiqinisile ngithi kini, phakamisani amaphimbo enu kulaba bantu; akhulumani imicabango engiyoyifaka ezinhliziyweni zenu, futhi ngeke nidunyazwe phambi kwabantu;

6 Ngokuba aniyonikwa ngalelohora, yebo, ngaleso sikhathi, eniyokusho.

7 Kodwa umyalelo engini nika wona, ngowokuthi niyosho noma yini aeniyoyisho egameni lami, ngesizotha senhliziyo, ngomoya bwobumnene, ezintweni zonke.

8 Futhi ngini nika isethembiso, sokuthi kangangoba nikwenza lokhu auMoya oNgcwele uyothunyelwa kini ukufakaza ngazo zonke izinto noma yini eniyoyisho.

9 Futhi ngikubona kufanele ukuthi wena, nceku yami uSidney, ube angumkhulumeli kulaba bantu; yebo, ngiqinisile, ngizokugcoba kulolubizo, ngisho ukuba ube umkhulumeli wenceku yami uJoseph.

10 Futhi ngizomnika amandla kubo aubufakazi.

11 Futhi ngizokunika amandla okuba ube anamandla ekuchasiseni imibhalo yonke engcwele, ukuze ube ngumkhulumeli wakhe, futhi yena uyoba bngumambuli kuwe, ukuze wena ubazi ubuqiniso bezinto zonke eziphathelene nombuso wami emhlabeni.

12 Ngakho-ke, qhubekani nohambo lwenu futhi izinhliziyo zenu mazijabule; ngokuba bhekani, futhi bheka, nginani ngisho kuze kube sekugcineni.

13 Manje sengininika izwi eliphathelene no aSiyoni. USiyoni uyo bkhululwa, nakuba ejeziswa okwesikhashana.

14 Abafowenu, izinceku zami au-Orson Hyde noJohn Gould, base zandleni zami; futhi kangangoba begcina imiyalelo yami bayosindiswa.

15 Ngakho-ke, izinhliziyo zenu maziduduzeke; ngokuba azonke izinto ziyosebenzelana kube kuhle kulabo abahamba ngobuqotho, futhi ukuze kungcweliswe ibandla.

16 Ngokuba ngizozivusela abantu aabamsulwa, abazongi sebenzela ngokulunga;

17 Futhi bonke aabakhuleka egameni leNkosi, futhi bagcine imiyalelo yayo, bayosindiswa. Ngisho kanjalo. Amen.