ImiBhalo eNgcwele
IMfundiso neziVumelwano 72


Isigaba 72

Isambulo esanikwa ngoJoseph Smith umPhrofethi, eKirtland, e-Ohio, ngomhlaka 4 Disemba, 1831. Amagosa namalungu ambalwa ayebuthene ukuzothola ulwazi ngemisebenzi yawo futhi nokuzokwakhiwa ngezimfundiso zeBandla. Lesi sigaba siyinhlanganisela yezambulo ezintathu ezatholakala ngosuku olufanayo. Indima yoku 1 kuya kweyesi 8 kwaziswa ngokubizwa kuka Newel K. Whitney njengombhishobhi. Wabe esebizwa futhi esegcotshwa, okwathi emva kwalokho kwatholakala izindinyana kusuka kweyesi 9 kuya kweyama 23, ezazinika ulwazi olwengeziwe ngemisebenzi kambhishobhi. Emva kwalokho, izindinyana kusuka kweyama 24 kuya kweyama 26 zanikwa, ezimayelana nemiyalelo ngokubuthana eSiyoni.

1–8, Amagosa kufanele anike umbiko wobuphathi babo kumbhishobhi; 9–15, Umbhishobhi ugcina indlu yengcebo futhi anakekele abampofu nabadingayo; 16–26, Ababhishobhi kufanele baqinise ukufaneleka kwamagosa.

1 Lalelani, futhi nizwe izwi leNkosi, O nina enibuthene ndawonye, eningaba aphristi abakhulu bebandla lami, okunikwe kubo bumbuso namandla.

2 Ngokuba ngiqinisile isho kanje iNkosi, ngibona kufanele ukuthi nimiselwe aumbhishobhi, noma akhethwe phakathi kwenu, ebandleni kulengxenye yesivini seNkosi.

3 Futhi ngiqinisile kulokhu nenze ngokuhlakanipha, ngokuba kudingekile eNkosini, esandleni sanoma yimuphi aumphathi, ukunikeza bumbiko cngobuphathi bakhe, manje naphakade.

4 Ngokuba lowo othembekileyo futhi anohlakaniphile manje ubalwa njengofanele ukufumana ifa blezindlu ezilungiselelwe yena wuBaba.

5 Ngiqinisile ngithi kini, amagosa ebandla kulengxenye ayesivini sami ayonika umbiko wobuphathi bawo kumbhishobhi, oyobekwa yimi kulengxenye yesivini sami.

6 Lezi zinto ziyogcinwa ngokulotshwa phansi, zidluliselwe kumbhishobhi eSiyoni.

7 Futhi umsebenzi ka ambhishobhi uyokwaziswa ngemiyalelo enikiwe, nangezwi lomhlangano.

8 Manje, ngiqinisile ngithi kini, inceku yami auNewel K. Whitney yiyona ndoda ezobekwa futhi igcotshelwe kulamandla. Lena intando yeNkosi uNkulunkulu wenu, umHlengi wenu. Ngisho kanjalo. Amen.

9 Izwi leNkosi, ngaphezu komthetho osunikiwe, elazisa ngomsebenzi kambhishobhi osegcotshiwe ebandleni kulengxenye yesivini, ngokuqinisile eliyilokhu—

10 Ukugcina aindlu yengcebo yeNkosi; ukwemukela izimali zebandla kulengxenye yesivini;

11 Ukuthola umbiko wamagosa njengoba kuyaliwe ngaphambili; futhi anokunaka izidingo zawo, ayokukhokhela lokho akufumanayo, kangangoba enakho okokukhokha;

12 Ukuze nalokhu kungcweliselwe ukuzuza kwebandla, kwabampofu nabadingayo.

13 Futhi lowo aongenako angakhokha ngakho, umbiko uyokwenziwa futhi udluliselwe kumbhishobhi waseSiyoni, oyokhokha isikweletu ngalokho iNkosi eyokubeka ezandleni zakhe.

14 Futhi imisebenzi yabathembekileyo abasebenza ezintweni zomoya, ukupha ivangeli nezinto zombuso ebandleni, nasemhlabeni, iyokhokhela isikweletu kumbhishobhi eSiyoni;

15 Ngakho-ke lenkokhelo ivela ebandleni, ngokuba angokomthetho wonke umuntu oza phezulu eSiyoni kumele abeke zonke izinto ngaphambi kukambhishobhi eSiyoni.

16 Manje, ngiqinisile ngithi kini, njengoba igosa ngalinye kulengxenye yesivini kumele linike umbiko wobuphathi balo kumbhishobhi kulengxenye yesivini—

17 aIsitifiketi esiphuma kumahluleli noma kumbhishobhi kulengxenye yesivini, esiya kumbhishobhi eSiyoni, senza wonke umuntu amukeleke, futhi siphendule zonke izinto, ukuze afumane ifa, futhi ukuze amukelwe njengo bmphathi ohlakaniphileyo futhi njengesisebenzi esithembekileyo;

18 Kungenjalo ngeke amukelwe ngumbhishobhi waseSiyoni.

19 Manje, ngiqinisile ngithi kini, lonke igosa elizokwenza umbiko kumbhishobhi webandla kulengxenye yesivini malivunywe yibandla noma ngamabandla, elisebenza kuwo, ukuze lona futhi nemibiko yalo livunywe kuzo zonke izinto.

20 Futhi phezu kwalokho, izinceku zami ezibekwe njengabaphathi akokubhaliweyo kwebandla lami mazicele ngokwelungelo usizo kumbhishobhi noma kubabhishobhi kuzo zonke izinto—

21 Ukuze aizambulo zaziswe umphakathi, futhi zihambe ziye emikhawulweni yomhlaba; ukuze nabo futhi bathole izimali eziyozuzisa ibandla kuzo zonke izinto;

22 Ukuze nabo futhi bavumeleke kuzo zonke izinto, futhi babalwe njengabaphathi abahlakaniphile.

23 Manje, bhekani, lokhu kuyoba yisibonelo kuwo wonke amagatsha ebandla lami asabalele yonke indawo, kunoma yiliphi izwe lapho ayomiswa khona. Manje sengenza isiphetho salokhu engikushoyo. Amen.

24 Amazwi ambalwa ukwengeza emithethweni yombuso, ngokuphathelene namalungu ebandla—labo aababekwe nguMoya oNgcwele ukuya phezulu eSiyoni, futhi nalabo abanenhlanhla yokuya phezulu eSiyoni—

25 Mabaphathele umbhishobhi isitifiketi esisuka emagoseni amathathu ebandla, noma isitifiketi esisuka kumbhishobhi;

26 Kungenjalo lowo oya phezulu ezweni laseSiyoni ngeke abalwe njengomphathi ohlakaniphileyo. Lokhu futhi kuyisibonelo. Amen.