ImiBhalo eNgcwele
IZwi EliGunyaziwe 2


IZwi EliGunyaziwe 2

INcwadi kaMormoni ifundisa ukuthi “bonke bayafana kuNkulunkulu,” kuhlanganisa “omnyama nomhlophe, oboshiwe nokhululekile, owesilisa nowesifazane” (2 Nefi 26:33). Emlandweni weBandla, abantu bezinhlanga zonke emazweni amaningi seba bhabhadiswa futhi baphila ngokuthembeka njengamalungu eBandla. Ngesikhathi sika Joseph Smith, amalungu ambalwa abesilisa abamnyama agcotshelwa ebuphristini. Ekuqaleni emlandweni weBandla, abaholi balo bayeka ukunika ubuphristi kwabesilisa abamyama abangabesi zukulwane sase-Afrika. Akukho okucacisayo emibhalweni yeBandla ngemvelaphi yalomkhuba. Abaholi beBandla babekholwa wukuthi isambulo esivela kuNkulunkulu sasidingeka ukuze kushintshwe lomkhuba futhi bafuna ukwelulekwa ngomkhuleko. Isambulo safika kuMongameli weBandla uSpencer W. Kimball futhi saqiniswa nakwabanye abaholi beBandla eThempelini lase Salt Lake ngomhlaka 1 Juni, 1978. Lesi sambulo sisusa konke ukuvimbela ngokohlanga okwakuthinta ubuphristi.

Kulowo Okungathintana Naye:

Ngomhlaka 30 Septemba 1978, eMhlanganweni oMkhulu weNgxenye yonyaka wekhulu namashumi amane nesishiyagalombili weBandla likaJesu Kristu labaNgcwele beziNsuku zokuGcina, lokhu okulandelayo kwethulwa nguMongameli uN. Eldon Tanner, uMeluleki wokuQala kubuMongameli bokuQala beBandla:

Ekuqaleni kukaJuni walonyaka, ubuMongameli bokuQala bumemezele ukuthi uMongameli uSpencer W. Kimball uthole isambulo esinika ubuphristi nezibusiso zasethempelini kuwo wonke amalungu esilisa afanelekile eBandla. UMongameli uKimball ucelile ukuba ngazise lomhlangano ukuthi emuva kokuba esethole lesisambulo, ezise kuye emuva kokuzindla nokukhuleka ezindlini ezingcwele zethempeli elingcwele, usethule kubeluleki bakhe, abasemukele futhi basivuma. Sibe sesethulwa kuMgwamanda wabaPhostoli abayiShumi naMbili, abasemukele ngokuvumelana, futhi kamuva sethulwa kubo bonke abaneGunya eliKhulu eBandleni Lonke, nabo ngokunjalo basemukele ngokuvumelana.

UMongameli uKimball usecele ukuthi manje ngifunde lencwadi:

Ngomhlaka 8 Juni 1978

Kubo bonke abaphathi-zikhundla zabaphristi bomhlaba wonke nabezindawo beBandla likaJesu Kristu labaNgcwele beziNsuku zokuGcina emhlabeni wonke:

Bazalwane abathandekayo:

Njengoba sizibonele ukukhula komsebenzi weNkosi emhlabeni, siyabonga ukuthi abantu bezizwe eziningi bazivumile izindaba zevangeli elibuyiselwe, futhi bazihlanganisa neBandla ngobuningi. Ngenxa yalokhu, ngokuholwa nguMoya sibe nesifiso sokunikeza noma yiliphi ilungu leBandla elifanelekile wonke amalungelo nezibusiso ezilethwa yivangeli.

Ngokwazi izethembiso ezenziwe ngabaphrofethi nomongameli beBandla abasandulele ukuthi ngesikhathi esithile, ohlelweni lukaNkulunkulu lwaphakade, bonke abafowethu abafanelekile bangabuthola ubuphristi, futhi ngokubona ukwethembeka kwalabo ubuphristi obebugodliwe kubo, sibancengele isikhathi eside futhi nangokushisekela, labafowethu abathembekileyo, sichitha amahora amaningi eGunjini eliPhezulu leThempeli sinxusa eNkosini ukuze sithole ukuholwa nguNkulunkulu.

Useyizwile imikhuleko yethu, futhi ngesambulo waqinisa ukuthi usuku olukade lwathenjiswa selufikile lapho wonke umuntu wesilisa othembekileyo, ofanelekile eBandleni angabuthola ubuphristi obungcwele, kanye namandla okusebenzisa igunya labo elivela kuNkulunkulu, nokuthokozela kanye nabathandiweyo bakhe zonke izibusiso eziphuma kubo, kanye nezibusiso zethempeli. Ngakho-ke, wonke amalungu esilisa afanelekile eBandla angagcotshelwa ebuphristini ngaphandle kokubheka ubuhlanga noma ibala. Abaholi bobuPhristi bayalwa ukuba balandele inqubo-mgomo yokubonana nokuxoxa nabo bonke abacatshangelwa ukugcotshelwa ebuPhristini buka-Aroni noma bukaMelkisedeki ukuqiniseka ukuthi bayayenelisa imigomo emisiweyo yokufaneleka.

Simemezela ngesizotha ukuthi iNkosi isiyazisile intando yayo ukuze kubusiswe bonke abantwana bayo emhlabeni wonke abazolalela izwi lezinceku zayo ezigunyaziwe, futhi balungiselele ukuthola izibusiso zonke zevangeli.

Yithi uqobo,

Spencer W. Kimball

N. Eldon Tanner

Marion G. Romney

UbuMongameli bokuQala

Ngokwamukela uSpencer W. Kimball njengomphrofethi, umboni, nomambuli, nanjengomongameli weBandla likaJesu Kristu labaNgcwele beziNsuku zokuGcina, kuphakanyiswa ukuthi thina njengebandla elinamandla okwemukela nokushintsha imithetho semukele lesi sambulo njengezwi nentando yeNkosi. Bonke abavumayo sicela batshengise ngokuphakamisa izandla zabo zokunene. Uma ekhona ophikisayo atshengise ngophawu olufanayo.

Ukuvotela ukusekela lesi siphakamiso esichaziwe kwenziwa ngokuvumelana.

ESalt Lake City, e-Utah, ngomhlaka 30 Septemba 1978.