ImiBhalo eNgcwele
IMfundiso neziVumelwano 11


Isigaba 11

Isambulo esanikwa ngoJoseph Smith umPhrofethi kumfowabo uHyrum Smith, eHarmony, ePennsylvania, ngoMeyi 1829. Lesi sambulo satholakala nge-Urimi neThumimi kuphendulwa umkhuleko nombuzo kaJoseph. Umlando ka Joseph Smith ukhombisa ukuthi lesi sambulo satholakala ngemumva kokubuyiselwa kobuPhristi buka-Aroni.

1–6, Izisebenzi ensimini zizothola insindiso; 7–14, Funa ukuhlakanipha, shumayela ukuphenduka, thembela kuMoya; 15–22, Gcina imiyalelo, futhi uwafunde amazwi eNkosi; 23–27, Ungawuphiki umoya wesambulo nowokuphrofetha; 28–30, Labo abemukela uKristu baba ngamadodana kaNkulunkulu.

1 aUmsebenzi omkhulu nomangalisayo usuzoqala phakathi kwabantwana babantu.

2 Bheka, nginguNkulunkulu; anaka bizwi lami, elisheshayo cnelinamandla, delibukhali ngaphezu kwenkemba ebukhali nhlangothi zombili, ukuhlukanisa ujuqu amalunga nomkantsha; ngakho-ke naka izwi lami.

3 Bheka, insimu aisimhlophe isilungele ukuvunwa; ngakho-ke, noma ubani onesifiso sokuvuna makashwibe isikela lakhe ngamandla, futhi avune ngesikhathi kusesemini, ukuze balondolozele umoya wakhe cinsindiso yaphakade embusweni kaNkulunkulu.

4 Yebo, yilowo nalowo ozoshwiba aisikela lakhe futhi avune, nguye lowo obizwe nguNkulunkulu.

5 Ngakho-ke, uma auzocela kimi oyothola; uma uzongqongqotha uyovulelwa.

6 Manje, njengoba ucelile, bheka, ngithi kuwe, ngcina imiyalelo yami, futhi ufune ukuveza futhi umise inhloso ye aSiyoni.

7 Ungafuni aingcebo kepha funa binhlakanipho; futhi, bheka, imfihlakalo kaNkulunkulu uyokwambulelwa yona, futhi emva kwalokho uyokwenziwa unothe. Bheka, lowo onokuphila okuphakade unothile.

8 Ngiqinisile, ngiqinisile, ngithi kuwe, ngisho njengoba ulangazelela kimi kuyokuba njalo nakuwe; futhi, uma ulangazelela, uyokuba yindlela yokwenza okuhle kulesi sizukulwane.

9 aUngasho lutho ngaphandle bkokuphenduka kulesi sizukulwane. Gcina imiyalelo yami, futhi ulekelele ekuvezeni umsebenzi wami, cngokwemiyalelo yami, ngokwenza lokho uyobusiswa.

10 Bheka, une asipho, noma uyoba nesipho uma usicela kimi ngokukholwa, bngeqiniso, ukholwa emandleni kaJesu Kristu, noma emandleni ami okhuluma nawe;

11 Ngokuba, bheka, yimi lona okhulumayo; bheka, ngingu akukhanya okukhanya ebumnyameni, futhi bnangamandla ami ngikunika lamazwi.

12 Manje, ngiqinisile, ngiqinisile, ngithi kuwe, beka aithemba lakho kulowo bMoya oholela ekwenzeni okuhle—yebo, ekwenzeni ukulunga, cekuhambeni dngokuzithoba, enokwahlulela ngokulunga; futhi nguMoya wami lona.

13 Ngiqinisile, ngiqinisile, ngithi kuwe, ngizokwambula kuwe okoMoya wami, oyo akhanyisela bingqondo yakho, oyogcwalisa umoya wakho cngenjabulo.

14 Futhi emva kwalokho uyokwazi, noma ngenxa yalokhu uyokwazi, zonke izinto zanoma yini oyifisayo kimi, eziphathelene nezinto azokulunga, ngokukholwa ukholwa kimi ukuthi uzozithola.

15 Bheka, ngikuyala ngokuthi akufanele ucabange ukuthi ubizelwe ukushumayela kuze kube aubiziwe.

16 Linda isikhashana, uze ube nezwi lami, aidwala lami, ibandla lami, futhi nevangeli lami, ukuze wazi kahle ngemfundiso yami.

17 Futhi emva kwalokho, bheka, ngokwe zifiso zakho, yebo, ngisho nangokukholwa kwakho uNkulunkulu uyokwazisa yona.

18 Gcina imiyalelo yami; thula; nxusa kuMoya wami;

19 Yebo, abambelela kimi ngenhliziyo yakho yonke, ukuze usize ekwaziseni abantu lezo zinto osekukhulunywe ngazo—yebo, ukuhunyushwa komsebenzi wami; bekezela uze ukufeze lokho.

20 Bheka, ngumsebenzi wakho lona, aukugcina imiyalelo yami, yebo, ngawo wonke amandla, ingqondo nangokuqina kwakho.

21 Ungafuni ukushumayela izwi lami, kodwa funa kuqala aukulithola izwi lami, futhi emva kwalokho ulimi lwakho luyoqaqeka; emva kwalokho, uma ulangazelela, uyokuba noMoya wami futhi nezwi lami, yebo, amandla kaNkulunkulu enza abantu bakholwe.

22 Kodwa manje thula; funda aizwi lami eselimenyezelwe phakathi kwabantwana babantu, futhi bufunde cnezwi lami elizokwambulwa phakathi kwabantwana babantu, noma lelo elihunyushwayo manje, yebo, uze ukuthole konke dengizokupha abantwana babantu kulesi sizukulwane, futhi emva kwalokho zonke izinto ziyokwengezwa kulokho.

23 Bheka ungu aHyrum, ndodana yami; bfuna umbuso kaNkulunkulu, futhi zonke izinto ziyokwengezwa ngokuvumelana nokulunga.

24 aYakhela phezu kwedwala lami, okuyi bvangeli lami;

25 Ungawuphiki umoya awesambulo, nalowo moya bwokuphrofetha, ngokuba maye kulowo oyophika lezi zinto;

26 Ngakho-ke, alondoloza enhliziyweni yakho izwi lami kuze kube yisikhathi engiyobona khona kufanele ukuthi uhambe.

27 Bheka, ngikhuluma kubo bonke abanezifiso ezinhle, futhi anabashwibe isikela labo ukuze bavune.

28 Bheka, ngingu aJesu Kristu, iNdodana kaNkulunkulu. Ngingukuphila noku bkhanya komhlaba.

29 Nginguye oweza kwabami futhi abami abangemukelanga;

30 Kodwa ngiqinisile, ngiqinisile, ngithi kuwe, bonke abangemukelayo, kubo ngizobanika aamandla okuba ngama bdodana kaNkulunkulu, ngisho kulabo abakholelwa egameni lami. Amen.