Amasu Okufunda
Siyoni


Siyoni

Ngabamsulwa enhliziyweni (Mf&V 97:21). ISiyoni isho futhi indawo lapho kuhlala khona abamsulwa enhliziyweni. Umuzi owakhiwa ngu-Enoke kanye nabantu bakhe ekugcineni owayiswa ezulwini ngenxa yokulunga wabizwa ngokuthi yiSiyoni (Mf&V 38:4; Mose 7:18–21, 69). Ezinsukwini zokugcina umuzi obizwa ngeSiyoni uzokwakhiwa maduzane nesiFunda saseJackson, eMissouri (eMelika), lapho izizwana zabakwa-Israyeli zizobuthelana khona (Mf&V 103:11–22; 133:18). AbaNgcwele bayalwa ukuba bakhe iSiyoni noma yikuphi lapho behlala khona emhlabeni wonke.