Amasu Okufunda
Galile


Galile

Ezikhathini zasemandulo namanje, yisifunda esisenyakatho nakwa-Israyeli entshonalanga noMfula iJordani kanye noLwandle lwaseGalile. IGalile inobude cishe obungamakhilomitha angamashumi ayisishiyagalolunye nesikhombisa nobubanzi obungamakhilomitha angamashumi amane nesishiyagalombili. Emandulo, yayineminye yemihlaba emihle futhi namadolobha aphethuzelayo akwa-Israyeli. Imigwaqo emikhulu ebalulekile eyayiholela eDamaseku, eGibithe, futhi nesempumalanga yakwa-Israyeli yayidlula eGalile. Izulu elihle kakhulu lakhona futhi nomhlabathi ovundileyo wawuveza izivuno ezinkulu zomhlwathi, ukolweni, ubhali, kanye namagilebhisi. Izindawo zokudoba izinhlanzi maduzane noLwande lwaseGalile zaziletha ukuhweba ngokuthekelisa okukhulu futhi zaziwumthombo omkhulu wengcebo. UmSindisi wachitha isikhathi Sakhe esiningi eGalile.

ULwandle lwaseGalile

ULwandle lwaseGalile lutholakala ngasenyakatho nakwa-Israyeli. Lwalubizwa futhi ngokuthi wuLwandle lwaseKinereti eTestamenteni eliDala futhi neChibi laseGenesaretha noma laseTiberiya eTestamenteni eliSha. UJesu wafundisa ngezintshumayelo ezimbalwa lapho (Math. 13:2). Ulwandle lunesimo sepheya, lungamakhilomitha angamashumi amabili ubude futhi lungamakhilomitha ayishumi nambili ububanzi uma lubanzi kakhulu. Lungamamitha angamakhulu amabili nesikhombisa ngaphansi kweleveli yolwandle, okuvame ukwenza umoya oluzungezile ukuba ushise impela. Umoya obandayo owehla ngokushesha usuka emagqumeni futhi ohlangana noshisayo ongaphezu kwamanzi uvamise ukubanga iziphepho ezenzeka masinyane (Luka 8:22–24).