Amasu Okufunda
IBhayibheli


IBhayibheli

Yinhlanganisela yemibhalo yamaHeberu namaKristu equkethe izambulo zikaNkulunkulu. Igama elithi ibhayibheli lisho ukuthi “izincwadi.” IBhayibheli ngumsebenzi wabaphrofethi abaningi futhi nababhali ababeshisekelisiwe ababenza izinto ngamandla oMoya oNgcwele (Ⅱ Petru 1:21).

IBhayibheli lamaKristu linezigaba ezimbili, ngokuvamile ezibizwa ngokuthi yiTestamente eliDala neTestamente eliSha. ITestamente eliDala linezincwadi zemibhalo engcwele ezazisetshenziswa phakathi kwamaJuda aseFilistiya ngesikhathi sobufundisi beNkosi basemhlabeni. ITestamente eliSha linemibhalo yesikhathi sabaPhostoli futhi lithathwa ngokuthi linobungcwele namandla afanayo njengemibhalo engcwele yamaJuda. Izincwadi zeTestamente eliDala zithathelwe emtapweni wezincwadi wesizwe wamakhulu amaningi eminyaka futhi cishe wonke wabhalwa ngesiHeberu, kanti izincwadi zeTestamente eliSha ziwumsebenzi wesizukulwane esisodwa futhi zabhalwa ikakhulukazi ngesiGriki.

ETestamenteni eliDala igama elithi itestamente limele igama lesiHeberu elisho ukuthi “isivumelwano.” IsiVumelwano esiDala wumthetho owanikwa uMose ngesikhathi u-Israyeli enqaba ukuphelela kwevangeli abantu baNkulunkulu ababenalo kusuka ekuqaleni kwempilo yasemhlabeni. IsiVumelwano esiSha yivangeli njengoba lafundiswa nguJesu Kristu.

EBhayibhelini lesiHeberu (iTestamente eliDala) izincwadi zazihlukaniswe kathathu: nguMthetho, ngabaPhrofethi, nemiBhalo. IBhayibheli elisetshenziswa ngamaKristu lihlukanisa izincwadi ngokwendikimba, njengezomlando, ezezinkondlo, nezeziphrofetho.

Izincwadi zeTestamente eliSha ngokujwayelekile zihlelwe ngalendlela: yizincwadi ezine zeVangeli kanye neZenzo; yizincwadi ezathunyelwa nguPawulu; yizincwadi ezijwayelekile ezathunyelwa nguJakobe, uPetru, uJohane, noJuda; kanye neSambulo sikaJohane.

IBandla likaJesu Kristu labaNgcwele beziNsuku zokuGcina lilihlonipha kakhulu futhi liyalazisa iBhayibheli futhi liyakuqinisa futhi ukuthi iNkosi iyaqhubeka nokunika isambulo esengeziwe ngabaphrofethi Bayo esisekela futhi nesifakazela okubhaliweyo ebhayibhelini ngendlela uNkulunkulu aphatha ngayo abantu.