Amasu Okufunda
IZwi EliGunyaziwe 1


IZwi EliGunyaziwe 1

Okubhalwe emakhasini okugcina eMfundiso neziVumelwano, ingxenye yokuqala IZwi EliGunyaziwe 1 yaziwa futhi ngokuthi ngaMazwi okuBika amaSu. Lanikwa nguMongameli uWilford Woodruff futhi labikwa kumalungu eBandla emhlanganweni omkhulu ngomhlaka 6 Okthoba 1890. Kusuka ngonyaka ka1862, imithetho eyahlukene yenza ukushada nabafazi abaningi kube ngokuphambene nomthetho eMelika iminyaka engamashumi amabili nanhlanu eyayizolandela. INkosi yakhombisa uWilford Woodruff ngombono kanye nangesambulo okwakuzokwenzeka uma abaNgcwele babengawuyeki umkhuba wokushada nabafazi abaningi. AMazwi okuBika amaSu abika ukuthi ukushada nabafazi abaningi kwakungasenziwa ngenhloso yokugcina umthetho.