Amasu Okufunda
Bethele


Bethele

NgesiHeberu, kusho ukuthi “indlu kaNkulunkulu” futhi enye yezindawo ezingcwele kakhulu kwa-Israyeli. Itholakala cishe amakilomitha alishumi nesithupha enyakatho neJerusalema. Lapha u-Abrahama wakha i-altare lakhe ngesikhathi efika okokuqala eKhanani (Gen. 12:8; 13:3). Lapha uJakobe wabona embonweni umkhwelo ufinyelela ezulwini (Gen. 28:10–19). Futhi kwakuyindawo engcwele ngezinsuku zikaSamuweli (Ⅰ Sam. 7:16; 10:3).