Amasu Okufunda
AbeZizwe


AbeZizwe

Njengoba lisetshenziswa emibhalweni engcwele, igama elithi abeZizwe linezincazelo ezimbalwa. Kwesinye isikhathi lisho abantu abangebona abozalo luka-Israyeli, kwesinye isikhathi ngabantu abangebona abozalo lwamaJuda, futhi kwesinye isikhathi yizizwe ezingenalo ivangeli, nakuba kungakhona igazi lika-Israyeli phakathi kwalabo bantu. Lokhu kusetshenziswa kokugcina kwegama okukhulunywe ngakho yikho kanye njengoba lisetshenziswa eNcwadini kaMormoni kanye nakwiMfundiso neziVumelwano.