Amasu Okufunda
Phenduka, Ukuphenduka


Phenduka, Ukuphenduka

Wukushintsha kwengqondo kanye nenhliziyo okuletha inkambiso entsha kuNkulunkulu, kumuntu uqobo, kanye nasempilweni ngokujwayelekile. Ukuphenduka kuqonde ukuthi umuntu ushiya ububi futhi aguqulele inhliziyo kanye nentando yakhe kuNkulunkulu, ethobela imiyalelo kanye nezifiso zikaNkulunkulu futhi eshiya isono. Ukuphenduka kweqiniso kuvela othandweni lukaNkulunkulu kanye nasesifisweni esiliqiniso sokuthobela imiyalelo Yakhe. Bonke abantu abanokuziphendulela bonile futhi kufanele baphenduke ukuze baqhubekele ensindisweni. Kunge Nhlawulo kaJesu Kristu kuphela okungenza ukuphenduka kwethu kusebenze futhi kwamukelwe nguNkulunkulu.