Amasu Okufunda
Petru


Petru

ETestamenteni eliSha, uPetru ekuqaleni wayaziwa ngokuthi nguSimeyoni noma nguSimoni (Ⅱ Petru 1:1), ngumdobi waseBetsayida owayehlala eKapernawume kanye nomfazi wakhe. UJesu welapha umkhwekazi kaPetru (Marku 1:29–31). UPetru wabizwa kanye nomfowabo u-Andreya ukuba abe ngumfundi kaJesu Kristu (Math. 4:18–22; Marku 1:16–18; Luka 5:1–11). Igama lakhe lesi-Aramu, uKhefase, elisho ukuthi “umboni” noma “itshe,” walinikwa yiNkosi (Joh. 1:40–42; HJS, Joh. 1:42 [Isithasiselo]). Noma iTestamente eliSha likhuluma ngobunye bobuthakathaka bukaPetru basemhlabeni, liyabonisa futhi ukuthi wabunqoba futhi nokuthi wenziwa waqina ngokholo lwakhe kuJesu Kristu.

UPetru wavuma ukuthi uJesu wayenguKristu futhi nokuthi wayeyiNdodana kaNkulunkulu (Joh. 6:68–69), futhi iNkosi yamkhetha ukuba aphathe izikhiye zombuso emhlabeni (Math. 16:13–19). ENtabeni yokuGuqulwa, uPetru wabona umSindisi oguquliweyo, kanye noMose kanye no-Eliyasi (u-Eliya) (Math. 17:1–9).

UPetru wayengumPhostoli omkhulu ezinsukwini zakhe. Emva kokufa, uVuko, kanye nokweNyuka kukamSindisi, wabiza iBandla ndawonye futhi waqondisa ukubizwa komPhostoli owayezothatha indawo kaJuda Iskariyothe (IzE. 1:15–26). UPetru kanye noJohane belapha indoda eyabe iyisishosha kusuka ekuzalweni (IzE. 3:1–16) futhi bakhululwa etilongweni ngokumangalisayo (IzE. 5:11–29; 12:1–19). Kwakungobufundisi bukaPetru ukuthi ivangeli laqalwa okokuqala kwabeZizwe (IzE. 10–11). Ezinsukwini zokugcina, uPetru, enoJakobe kanye noJohane, beza besuka ezulwini futhi banika ubuPhristi bukaMelkisedeki kanye nezikhiye zabo kuJoseph Smith kanye no-Oliver Cowdery (Mf&V 27:12–13; 128:20).

Incwadi yokuqala kaPetru

Incwadi yokuqala yabhalelwa “eBabiloni” (mhlawumbe eRoma) futhi yathunyelwa kwabaNgcwele endaweni manje eseyaziwa ngokuthi yi-Asia Minor masinyane emuva kokuba uNero aqala ukuhlupha amaKristu.

Isahluko 1 sikhuluma ngendima kaKristu njengomHlengi eyagcotshwa ngaphambi kokuzalwa kwakhe. Izahluko 2–3 zichaza ukuthi uKristu uyitshe elikhulu eliyisisekelo leBandla, nokuthi abaNgcwele baphethe ubuphristii basebukhosini, futhi nokuthi uKristu washumayela etilongweni lemimoya. Izahluko 4–5 zichaza ngokuthi kungani ivangeli lishunyayelwa kwabafileyo futhi nokuthi kungani amagosa kufanele ondle umhlambi.

Incwadi yesibili kaPetru

Isahluko 1 sinxusa abaNgcwele ukuba benze ukubizwa kanye nokukhethwa kwabo kuqiniseke. Isahluko 2 sixwayisa ngabafundisi bamanga. Isahluko 3 sikhuluma ngezinsuku zokugcina kanye nokuZa kwesiBili kukaKristu.