Amasu Okufunda
ImiBhalo eNgcwele


ImiBhalo eNgcwele

Ngamagama, abhaliweyo kanye nakhulunywayo, ngamadoda angcwele kaNkulunkulu ngesikhathi eqhutshwa wuMoya oNgcwele. Imibhalo engcwele esemthethweni engcwelisiweyo yeBandla namhlanje yenziwa yiBhayibheli, yiNcwadi kaMormoni, yiMfundiso neziVumelwano, kanye neGugu leNani eliKhulu. UJesu kanye nababhali beTestamente eliSha babezithatha izincwadi zeTestamente eliDala njengemibhalo engcwele (Math. 22:29; Joh. 5:39; Ⅱ Thim. 3:15; Ⅱ Petru 1:20–21). Bheka futhi isihloko esithi UHide lweziKhathi zeZehlakalo esithasiselweni.

ImiBhalo eNgcwele elahlekileyo

Miningi imibhalo engcwele ephathwayo emibhalweni engcwele esingenayo namhlanje, phakathi kwayo okukhona lezi zincwadi kanye nababhali: isivumelwano (Eks. 24:7), iziMpi zikaJehova (Num. 21:14), iNcwadi yoLungileyo (Josh. 10:13; Ⅱ Sam. 1:18), izindaba zikaSolomoni (Ⅰ AmaKh. 11:41), izindaba zikaSamweli umboni (Ⅰ IziKr. 29:29), izindaba zikaNathani umphrofethi (Ⅱ IziKr. 9:29), izindaba zikaShemaya umphrofethi (Ⅱ IziKr. 12:15), isichasiselo somphrofethi u-Ido (Ⅱ IziKr. 13:22), izindaba zikaJehu (Ⅱ IziKr. 20:34), okushiwo ngababoni (Ⅱ IziKr. 33:19), u-Enoke (Juda 1:14), amazwi kaZenoki, kaNewumu, kanye nakaZenoshe (1 Nefi 19:10), umphrofethi uZenoshe (Jakobe 5:1), uZenoki kanye no-Eziya (Hel. 8:20), kanye nencwadi yokukhumbula (Mose 6:5); kanye nezincwadi kwabaseKorinte (Ⅰ Kor. 5:9), kwabaseFesu (Ef. 3:3), nevela eLawodiyeka (Kol. 4:16), kanye nevela kuJuda (Juda 1:3).

Imibhalo eNgcwele okufanele ilondolozwe

Ukubaluleka kwemibhalo engcwele

Imibhalo engcwele okuphrofethwa ukuthi isazovela