ImiBhalo eNgcwele
2 Nefi 4


Isahluko 4

ULehi weluleka futhi ubusisa isizukulwane sakhe esizayo—Uyafa futhi uyangcwatshwa—UNefi uyajabula ngobuhle bukaNkulunkulu—UNefi ubeka ithemba lakhe eNkosini ingunaphakade. Cishe ngonyaka wama 588 kuya kowama 570 ngaphambi kokuzalwa kukaKristu.

1 Manje, mina, Nefi, sengikhuluma ngokuphathelene neziphrofetho ubaba akhuluma ngazo, ngokuphathelene anoJosefa, owathwalwa wayiswa eGibithe.

2 Ngokuba bheka, ngempela waphrofetha ngokuphathelene nayo yonke inzalo yakhe. Futhi aiziphrofetho azibhala, azikho ezinkulu ngaphezu kwazo. Futhi waphrofetha ngokuphathelene nathi, kanye nangezizukulwane zethu ezizayo; futhi zibhalwe ezingcwepheni zethusi.

3 Ngalokho-ke, emva kokuthi ubaba esenze isiphetho sokukhuluma ngokuphathelene neziphrofetho zikaJosefa, wabiza abantwana bakaLamani, amadodana akhe, kanye namadodakazi akhe, futhi wathi kubo: Bhekani, madodana ami, kanye namadodakazi ami, eningamadodana kanye namadodakazi aezibulo lami, nginesifiso sokuthi sengathi beningawalalela amazwi ami.

4 Ngokuba iNkosi uNkulunkulu ishilo ukuthi: aKangangoba niyoyigcina imiyalelo yami niyophumelela ezweni; futhi kangangoba ningezukuyigcina imiyalelo yami niyokwehlukaniswa nami.

5 Kodwa bhekani, madodana ami kanye namadodakazi ami, anginakukwazi ukuthi ngihambe ngehlele ethuneni lami ngaphandle kokuthi nginishiye anesibusiso; ngokuba bhekani, ngiyazi ukuthi uma nikhuliswa bngendlela okufanele nihambe ngayo aninakuphambuka kuyo.

6 Ngalokho-ke, uma niqalekiswa, bhekani, ngishiya isibusiso sami phezu kwenu, ukuthi isiqalekiso sisuswe kini bese aabazali benu bephendula ngaso.

7 Ngalokho-ke, ngenxa yesibusiso sami iNkosi uNkulunkulu angeke ivume ukuthi nibhubhe; ngalokho-ke, iyokuba bnesihawu kini futhi nakuyo inzalo yenu ingunaphakade.

8 Futhi kwenzeka ukuthi emva kokuthi ubaba eseqedile ukukhuluma namadodana kanye namadodakazi kaLamani, wenza ukuthi amadodana kanye namadodakazi kaLemuweli alethwe phambi kwakhe.

9 Futhi wakhuluma kubo, ethi: Bhekani, madodana ami kanye namadodakazi ami, eningamadodana kanye namadodakazi endodana yami yesibili; bhekani nginishiya nesibusiso esifanayo naleso engisishiye emadodaneni kanye nasemadodakazini kaLamani; ngalokho-ke, aniyikubhujiswa nya; kodwa ekugcineni inzalo yenu iyobusiswa.

10 Futhi kwenzeka ukuthi ngesikhathi ubaba eseqedile ukukhuluma kubo, bheka, wakhuluma kuwo amadodana ka-aIshmayeli, yebo, futhi ngisho nakubo bonke abomuzi wakhe.

11 Futhi emva kokuthi eseqedile ukukhuluma nabo, wakhuluma noSamu, ethi: Ubusisiwe wena, kanye nenzalo yakho; ngokuba uyokudla ifa lalelizwe njengomfowenu uNefi. Futhi inzalo yakho iyobalwa kanye nenzalo yakhe; futhi uyokuba ngisho njengomfowenu, futhi nenzalo yakho njengenzalo yakhe; futhi uyobusiswa kuzo zonke izinsuku zakho.

12 Futhi kwenzeka ukuthi emva kokuthi ubaba, uLehi, esekhulumile kubo bonke abomuzi wakhe, njengokwemizwa yenhliziyo yakhe kanye noMoya weNkosi owawukuye, wakhula wabamdala. Futhi kwenzeka ukuthi wafa, wangcwatshwa.

13 Futhi kwenzeka ukuthi kungakabi nazinsuku eziningi emva kokufa kwakhe, uLamani noLemuweli kanye namadodana ka-Ishmayeli bangithukuthelela ngenxa yeziyalo zeNkosi.

14 Ngokuba mina, Nefi, ngaphoqeleka ukuthi ngikhulume nabo, njengokwamazwi ayo; ngokuba ngakhuluma izinto eziningi kubo, futhi ngokunjalo nobaba, ngaphambi kokufa kwakhe; okuningi kwalokho akushoyo kubhaliwe akwezinye zezingcwephe zami; ngokuba inxenye eningi yomlando ibhalwe kwezinye zezingcwephe zami.

15 Futhi akulezi ngibhala izinto zomphefumulo wami, kanye nokuningi kwemibhalo engcwele eqoshwe ezingcwepheni zethusi. Ngokuba umphefumulo wami uyathokoza ngemibhalo engcwele, futhi inhliziyo yami biyazindla ngayo, futhi ngiyayibhala ukuze cifundwe futhi ibe yinzuzo kubantwana bami.

16 Bheka, aumphefumulo wami uyathokoza ngezinto zeNkosi; futhi inhliziyo yami biyazindla njalonjalo ngezinto engizibonile futhi ngazizwa.

17 Nokho, naphezu, akobuhle obukhulu beNkosi, ekungitshengiseni imisebenzi yayo emikhulu nemangalisayo, inhliziyo yami yakhala yathi: O mina bmuntu wosizi! Yebo, inhliziyo yami idabukile ngenxa yenyama yami; umphefumulo wami ulusizi ngenxa yobubi bami.

18 Ngizungezwe macala onke, ngenxa yezilingo kanye nezono aezingihaqa kalula.

19 Futhi uma ngifisa ukujabula, inhliziyo yami iyabubula ngenxa yezono zami; nokho, ngiyazi ukuthi ithemba lami likubani.

20 UNkulunkulu wami uwudondolo lwami; ungiholile ezinkathazweni zami ehlane; futhi wangigcina emanzini ajule kakhulu.

21 Ungigcwalisile angothando lwakhe, ngisho ngokwanele ukuba kushiswe inyama yami.

22 Uzithobisile aizitha zami, wazenza zaqhaqhazela phambi kwami.

23 Bheka, ukuzwile ukukhala kwami emini, futhi wanginika ulwazi angemibono ebusuku.

24 Emini ngikhule ngaba nesibindi aekuthandazeni okukhulu phambi kwakhe; yebo, izwi lami ngilithumele phezulu; izingelosi zehlela phansi futhi zangifundisa.

25 Ngamaphiko oMoya wakhe umzimba wami authathiwe wayiswa ezintabeni eziphakeme kakhulu. Amehlo ami abone izinto ezinkulu, yebo, ngisho ezinkulu kakhulu kumuntu; ngakho-ke ngayalwa ukuthi ngingazibhali.

26 O pho, uma ngibone izinto ezinkulu kangaka, uma iNkosi ekuzehliseni kwayo kubantwana babantu ibavakashele abantu ngesihawu esikhulu kangaka, akungani inhliziyo yami ilila futhi umphefumulo wami ulibala esigodini sosizi, futhi inyama yami idikibala, futhi amandla ami ehla, ngenxa yezinkathazo zami na?

27 Futhi kungani angivumela isono, ngenxa yenyama yami na? Yebo, kungani ngivumela bizilingo, ukuze omubi athole indawo enhliziyweni yami ukuze aqede cukuthula kwami futhi ahluphe umphefumulo wami na? Kungani ngithukuthela ngenxa yesitha sami na?

28 Vuka, mphefumulo wami! Ungabe usawela esonweni. Jabula, O nhliziyo yami, futhi ungabe usasinika indawo aisitha somphefumulo wami.

29 Ungabe usathukuthela futhi ngenxa yezitha zami. Ungabe usawehlisa amandla ami ngenxa yezinkathazo zami.

30 Thokoza, O nhliziyo yami, futhi ukhale eNkosini, futhi uthi: O Nkosi, ngiyokudumisa ingunaphakade; yebo, umphefumulo wami uyothokoza ngawe, Nkulunkulu wami, kanye anedwala lensindiso yami.

31 O Nkosi, ungawukhulula yini umphefumulo wami na? Ungangikhulula yini ezandleni zezitha zami na? Ungangenza yini ukuthi ngithuthumele ngenxa yokubona aisono na?

32 Kwangathi amasango esihogo abengavaleka njalonjalo phambi kwami, ngenxa yokuthi ainhliziyo yami iphukile futhi nomoya wami udabukile! O Nkosi, ungaze wawavala amasango okulunga phambi kwami, ukuze bngihambe endleni yesigodi esiphansi, ukuze ngiqonde endleleni elula!

33 O Nkosi, ungangizungeza macala onke ngesambatho sokulunga kwakho! O Nkosi, ungayenza indlela yami yokubaleka phambi kwezitha zami! Ungayenza indlela yami iqonde phambi kwami! Ngicela ungasibeki isikhubekiso endleleni yami—kepha ucacise indlela yami phambi kwami, futhi ungangenzeli uthango endleleni yami, kodwa izindlela zezitha zami.

34 O Nkosi, ngethembele kuwe, futhi angiyokwethembela kuwe ingunaphakade. Angiyikubeka bithemba lami engalweni yenyama; ngokuba ngiyazi ukuthi uqalekisiwe lowo obeka cithemba lakhe engalweni yenyama. Yebo, uqalekisiwe lowo obeka ithemba lakhe kumuntu noma owenza inyama ibe yingalo yakhe.

35 Yebo, ngiyazi ukuthi uNkulunkulu uyomnika angomusa lowo ocelayo. Yebo, uNkulunkulu wami uyonginika, uma bngingaceli cngokungalungile; ngakho-ke ngiyoliphakamisela kuwe izwi lami; yebo, ngiyokhala kuwe, Nkulunkulu wami, ddwala lokulunga kwami. Bheka, izwi lami liyokhuphukela phezulu kuwe ingunaphakade, dwala lami kanye noNkulunkulu wami waphakade. Amen.