ImiBhalo eNgcwele
2 Nefi 15


Isahluko 15

Isivini seNkosi (u-Israyeli) sizochithwa, futhi abantu Bakhe bazohlakazwa—Izinsizi zizoba phezu kwabo esimweni sabo sokuhlubuka kanye nokuhlakazwa—INkosi izophakamisa isibonakaliso iqoqe u-Israyeli—Qhathanisa no-Isaya 5. Cishe ngonyaka wama 559 kuya kowama 545 ngaphambi kokuzalwa kukaKristu.

1 Futhi ngaleso sikhathi ngiyomhlabelelela othandiweyo kakhulu wami aingoma yothandiweyo wami, maqondana nesivini sakhe. Othandiweyo kakhulu wami unesivini egqumeni elivunde kakhulu.

2 Futhi wasibiyela, futhi wakhipha amatshe kuso, futhi wasitshala angomvini okhethekileyo kakhulu, futhi wakha umbhoshongo phakathi naso, futhi phezu kwalokho wakha isikhamo sewayini kuso; futhi ebheke ukuthi kufanele sithele imivini, kepha saveza imivini yasendle.

3 Manje, O zakhamizi zaseJerusalema, kanye nani madoda akwaJuda, yahlulelani, ngiyanithandaza, phakathi kwami kanye nesivini sami.

4 Ngabe yini obekufanele yenziwe futhi esivinini sami lokho engingakwenzanga kuso na? Ngalokho-ke, ngesikhathi ngisabhekile ukuthi kufanele sithele imivini sona sithele imivini yasendle.

5 Manje hambani; ngizonitshela ukuthi ngiyokwenzani ngesivini sami—angiyosusa uthango lwaso, futhi siyodliwa siphele; futhi ngiyoludiliza udonga lwaso, futhi siyonyathelwa;

6 Futhi ngiyosiyeka sichithakale; asiyikuthenwa noma sivukuzwe; kepha kuyovela aamakhakhasi kanye nameva; phezu kwalokho ngizoyala amafu ukuthi banganisi mvula phezu kwaso.

7 Ngokuba aisivini seNkosi yamaBandla yindlu ka-Israyeli, futhi abantu baJuda yisithombo sakhe esithandekayo; futhi ulindele bukwahlulela, futhi bheka, ukucindezelwa; ulindele ukulunga, kepha bheka, ukukhala.

8 Maye kulabo abahlanganisa aindlu nendlu, kuze kungabe kusaba bikho ndawo, ukuba bbahlaliswe bodwa phakathi naphakathi komhlaba!

9 Ezindlebeni zami, kusho iNkosi yamaBandla, ngempela eziningi izindlu ziyoba yincithakalo, futhi amakhulu kanye namahle amadolobha awayikuba nabantu.

10 Yebo, ama-eka ayishumi esivini ayothela aibhavu elilodwa, kanye nembewu yehomere iyothela i-efa.

11 Maye kulabo abavuka ekuseni ngovivi, ukuze abalandele uphuzo olunamandla, labo abaqhubeka kuze kuhlwe, futhi bashiswe byiwayini!

12 Ihabhu, nevayolini, nogubhu, nomtshingo, kanye newayini kusemadilini abo; kepha aabawazisi umsebenzi weNkosi, noma bacabange ngezenzo zezandla zayo.

13 Ngakho-ke, abantu bami bangene ekuthunjweni, ngenxa yokuthi abengenalwazi; futhi nabantu abahloniphekile babo bafile yindlala, futhi izixuku zabo zigangathekile wukoma.

14 Ngakho-ke, isihogo sizandisile, futhi savula umlomo waso ngokungenakulinganiswa; inkazimulo yabo, nesixuku sabo, namakhosi abo, kanye nalowo ojabulayo, uyokwehlela kuso.

15 Futhi umuntu odelelekile uyokwehliswa, futhi umuntu omkhulu uyothotshiswa, futhi amehlo abaziphakamisayo ayothotshiswa.

16 Kepha iNkosi yamaBandla iyophakanyiswa aekwahluleleni, futhi uNkulunkulu ongcwele uyongcweliswa ekulungeni.

17 Ngaleso sikhathi amawundlu ayoklaba ngendlela yawo, futhi ezindaweni ezichithiweyo zabacebileyo kuyodla izihambi.

18 Maye kulabo abadonsa ububi ngezintambo aeziyize, kanye nesono bnjengo kungathi yizindophi zezinqola;

19 Labo abathi: Makaphuthume, aasheshise umsebenzi wakhe, ukuze bsiwubone; futhi iseluleko soNgcwele ka-Israyeli masisondele futhi sifike, ukuze sisazi.

20 Maye kulabo aababiza ububi ngobuhle, kanye nobuhle ngobubi, labo ababeka bubumnyama bube ngukukhanya, kanye nokukhanya kube ngubumnyama, labo ababeka okubabayo kube ngokumtoti, kanye nokumtoti kube ngokubabayo!

21 Maye kubo aabahlakaniphile emehlweni abo kanye nabanokuqonda ngokubona kwabo!

22 Maye kubo abanamandla ekuphuzeni iwayini, kanye nabantu bezikhwepha ekuxubeni uphuzo olunamandla;

23 Abangababeki cala ababi ukuze bathole umvuzo, aabasusa ukulunga kolungile!

24 Ngakho-ke, anjengomlilo ushwabadela bizinhlanga, kanye nelangabi lidla camabibi, impande yabo iyobola, futhi izimbali zabo ziyothunquka njengothuli; ngenxa yokuthi bawulahlile umthetho weNkosi yamaBandla, futhi dbalidelela izwi loNgcwele ka-Israyeli.

25 Ngakho-ke, ngabe aintukuthelo yeNkosi yokhelekile kubantu bayo, futhi ngabe iselulile isandla sayo kubo, yabashaya; futhi amagquma nempela adikiza, izidumbu zabo zidwengukile phakathi ezitaladini. Ngokuba kukho konke lokhu intukuthelo yakhe ayiphelile, kepha isandla sayo siseluliwe futhi.

26 Futhi iyophakamisa aisibonakaliso ezizweni ezikude, futhi biyozihlabela ikhwela kusukela emkhawulweni womhlaba; futhi bheka, cziyokuza masinyane ngejubane; akekho namunye oyokhathala noma akhubeke phakathi kwazo.

27 Akekho namunye oyokozela noma alale; noma ibhande lezinkalo zabo lithukululwe, noma imichilo yezicathulo zabo inqanyulwe;

28 Imicibisholo yabo eyokuba bukhali, kanye nayo yonke iminsalo yabo igotshwe, futhi izinselo zamahhashi abo ziyobalwa njengetshe eliqine kakhulu, kanye namasondo abo njengesishingishane, ukubhonga kwabo njengokwengonyama.

29 Bayobhonga anjengamabhubesi amancane; yebo, bayobhonga, futhi bayibambe inyamazane yabo, futhi bayokwemuka nayo ngokuphepha, futhi kungekho namunye ongayikhulula.

30 Futhi ngalolo suku bayobhonga phezu kwabo njengokuhlokoma kolwandle; futhi uma bebuka ezweni, bheka, ubumnyama kanye nosizi, futhi ukukhanya kwenziwe kube mnyama emazulwini akho.