ImiBhalo eNgcwele
2 Nefi 8


Isahluko 8

UJakobe uyaqhubeka nokufunda ku-Isaya: Ngezinsuku zokugcina, iNkosi iyoyiduduza iSiyoni futhi iqoqe u-Israyeli—Labo abahlengiweyo bayokuza kuyo iSiyoni babe nokuthokoza okukhulu—Qhathanisa no-Isaya 51 kanye no 52:1–2. Cishe ngonyaka wama 559 kuya kowama 545 ngaphambi kokuzalwa kukaKristu.

1 Ngilaleleni, nina enilandela ukulunga. Bhekani kulo aidwala lapho eniqhezulwe khona, kanye nakuyo imbobo yomgodi enikhishwe kuwo.

2 Bhekani ku-Abrahama, auyihlo, kanye nakuye buSara, onizalayo; ngokuba nguye yedwa engambizayo, futhi ngambusisa.

3 Ngokuba iNkosi aiyoyiduduza iSiyoni, iyoziduduza zonke izindawo ezichithiweyo zayo; futhi iyokwenza bihlane layo libe njenge-Edene, kanye nogwadule lwayo lube njengensimu yeNkosi. Injabulo kanye nentokozo kuyotholakala kuyo, ukubonga kanye nezwi lokuhlabelela.

4 Ngilaleleni, bantu bami; futhi ningiphe indlebe, O sizwe sami; ngokuba aumthetho uyovela kimi, futhi ngiyokwenza ukwahlulela kwami kube bngukukhanya kubantu.

5 Ukulunga kwami kuseduze; ainsindiso yami isihambe phambili, futhi ingalo yami iyokwahlulela abantu. bIziqhingi ziyogilinda, futhi ziyothembela engalweni yami.

6 Phakamiselani amehlo enu emazulwini, futhi nibuke emhlabeni ngaphansi, ngokuba aamazulu bayoshabalala njengomusi, futhi umhlaba cuyoguga njengengubo; futhi labo abahlala kuwo bayokufa ngendlela efanayo. Kepha insindiso yami iyoma ingunaphakade, nokulunga kwami akuyikuqedwa.

7 Ngilaleleni, nina enazi ukulunga, abantu izinhliziyo zabo engibhale umthetho wami kuzo, aningakwesabi ukusolwa ngabantu, noma nesabe izethuko zabo.

8 Ngokuba inundu iyobadla njengengubo, nempethu iyobadla njengoboya bezimvu. Kepha ukulunga kwami kuyoma ingunaphakade, futhi nensindiso yami isizukulwane ngesizukulwane.

9 Vuka, vuka! Yembatha aamandla, O ngalo yeNkosi; vuka njengasezinsukwini zasendulo. Ngabe awusiye yini lona owanquma uRahabi, futhi wagwaza udrako na?

10 Awusiyena yini lona owomisa ulwandle, amanzi olwandle olukhulu; owenza izinzulu zolwandle zaba ayindlela yabahlengiweyo ukuze bawele na?

11 Ngakho-ke, aabahlengiweyo beNkosi bayobuya, futhi beze bngokuhlabelela eSiyoni; intokozo engunaphakade nobungcwele kuyoba semakhanda abo; futhi bayothola ukujabula nentokozo; usizi cnokukhala kuyobaleka.

12 aNginguye; yebo, nginguye lowo oniduduzayo. Bheka, ungubani wena, ukuthi bungesaba umuntu, oyokufa, futhi oyindodana yomuntu, oyokwenziwa abe cnjengotshani na?

13 Futhi aukhohliwe yini yiNkosi umenzi wakho, eyaneka amazulu, futhi yabeka isisekelo somhlaba, futhi wesabile njalonjalo mihla yonke, ngenxa yokufutheka komcindezeli, sengathi uselindele ukubhubhisa na? Futhi kuphi ukufutheka komcindezeli na?

14 Othunjiweyo osekudingisweni uyashesha, ukuze akhululwe, futhi ukuze angafeli emgodini, noma ukuze isinkwa sakhe angasesweli.

15 Kepha ngiyiNkosi uNkulunkulu wakho, aomagagasi akhe ayahlokoma; iNkosi yamaBandla yigama lami.

16 Futhi ngiwafakile amazwi ami emlonyeni wakho, ngakusibekela esithunzini sesandla sami, ukuze ngitshale amazulu futhi ngizibeke izisekelo zomhlaba, futhi ngithi kuyo iSiyoni: Bhekani, aningabantu bami.

17 Vuka, vuka, usukume, O Jerusalema, wena ophuzile esandleni seNkosi ainkomishi byokufutheka kwayo—wena ophuze amavovo enkomishini yokuthuthumela akhanyiwe—

18 Akekho namunye ongamhola phakathi kwawo wonke amadodana awazele; nokuba kube khona ongamthatha ngesandla, kuwo wonke amadodana awakhulusile.

19 aLamadodana amabili ezile kuwe, ngubani oyokukhalela—incithakalo kanye nokubhujiswa kwakho, kanye nendlala kanye nenkemba—futhi ngubani engingakududuza ngaye na?

20 Amadodana akho aqulekile, ngaphandle kwalawa amabili; wona alala esihlokweni semigwaqo yonke; njengenkunzi yasendle isenethini, bagcwele ukufutheka kweNkosi, ukukhuza kukaNkulunkulu wakho.

21 Ngakho-ke yizwa lokhu manje, wena ohluphekileyo, futhi aodakiweyo, kodwa hhayi ngewayini:

22 Isho kanje iNkosi yakho, iNkosi futhi enguNkulunkulu wakho aicelela abantu bayo indlela; bheka, ngithathile esandleni sakho inkomishi yokuthuthumela, amavovo enkomishi yokufutheka kwami; awuseyikuwaphuza futhi nanini.

23 Kepha angiyoyibeka esandleni sabo labo abakuhluphayo; abathe emphefumulweni wakho: Khothama, ukuze sidlule—futhi uwendlalile umzimba wakho njengomhlabathi nanjengomgwaqo kubo abedlulayo.

24 aVuka, vuka, wembathe bamandla akho, O cSiyoni; yembatha izingubo zakho ezinhle, O Jerusalema, muzi ongcwele; kusukela manje kuyaphambili dakuseyikungena kuwe nanini ongasokile kanye nongahlanzekile.

25 Zithintithe othulini; asukuma, hlala phansi, O Jerusalema; zikhulule kuzo bizibopho zentamo yakho, O ndodakazi ethunjiweyo yaseSiyoni.