ImiBhalo eNgcwele
2 Nefi 33


Isahluko 33

Amazwi kaNefi ayiqiniso—Afakaza ngoKristu—Labo abakholwa kuKristu bayowakholwa amazwi kaNefi, ayokuma njengobufakazi phambi kwesihlalo sokwahlulela. Cishe ngonyaka wama 559 kuya kowama 545 ngaphambi kokuzalwa kukaKristu.

1 Manje mina, Nefi, ngeke ngikwazi ukuzibhala zonke izinto ezafundiswa phakathi kwabantu bami; futhi angiyona aingcweti ekubhaleni, njengasekukhulumeni; ngokuba uma umuntu bekhuluma ngamandla kaMoya oyiNgcwele amandla kaMoya oyiNgcwele akuthwala lokho akuyise ezinhliziyweni zabantwana babantu.

2 Kepha bhekani, kukhona abaningi aabaqinisa izinhliziyo zabo ngokumelene noMoya oyiNgcwele, ukuze ungabi nandawo kubo; ngalokho-ke, balahla izinto eziningi ezibhaliwe futhi bazithathe njengezinto eziyize.

3 Kepha mina, Nefi, ngikubhalile lokho engikubhalile, futhi ngikuthatha njengento aebaluleke kakhulu, futhi ikakhulukazi kubantu bami. Ngokuba bngibathandazela njalo emini, futhi amehlo ami amanzisa umcamelo wami ebusuku, ngenxa yabo; futhi ngiyakhala kuNkulunkulu wami ngokukholwa, futhi ngiyazi ukuthi uyokuzwa ukukhala kwami.

4 Futhi ngiyazi ukuthi iNkosi uNkulunkulu iyoyingcwelisa imikhuleko yami ukuze kuzuze abantu bami. Futhi amazwi engiwabhalile ebuthakathakeni ayokwenziwa aaqine kubo; ngokuba babavumisa ukuthi benze okuhle; abazisa ngoyise; futhi akhuluma ngoJesu, futhi abavumisa ukuthi bakholwe kuye, futhi babekezele kuze kube sekugcineni, okungukuphila cokuphakade.

5 Futhi akhuluma akakhulu ngokumelene nesono, njengokuba bsobala kweqiniso; ngalokho-ke, akekho umuntu oyowathukuthelela amazwi engiwabhalile ngaphandle kokuthi enomoya kadeveli.

6 Ngiyathokoza ngokusobala; ngiyathokoza ngeqiniso; ngiyathokoza ngoJesu wami, ngokuba auwukhululile umphefumulo wami esihogweni.

7 aNginesihe ngabantu bami, kanye nokholo olukhulu kuKristu ukuthi ngiyohlangana neminingi imiphefumulo engenasici esihlalweni sakhe sokwahlulela.

8 Nginesihe angomJuda—ngithi umJuda, ngokuba ngiqonde wona lapho ngavela khona.

9 Phezu kwalokho nginesihe angabeZizwe. Kepha bheka, akukho engikufisayo ngalaba ngaphandle kokuthi bbabuyisane noKristu, futhi bangene cesangweni elincane, futhi dbahambe eendleleni engumngcingo eholela ekuphileni, futhi baqhubeke kuleyo ndlela kuze kuphele usuku lokuvivinywa.

10 Manje, bafowethu abathandekayo, futhi ngokunjalo nomJuda, kanye nani nonke mikhawulo yomhlaba, walaleleni lamazwi futhi anikholwe kuKristu; futhi uma ningakholwa kulamazwi kholwani kuKristu. Futhi uma niyokholwa kuKristu niyokholwa bkulamazwi, ngokuba cangamazwi kaKristu, futhi unginike wona; futhi dafundisa bonke abantu ukuthi benze okuhle.

11 Futhi uma engewona amazwi kaKristu, yahlulelani—ngokuba uKristu uyonikhombisa, angamandla kanye nangenkazimulo enkulu, ukuthi angamazwi akhe, ngosuku lokugcina; futhi wena nami siyoma ubuso nobuso phambi bkwesihlalo sakhe; futhi niyokwazi ukuthi ngiyalwe nguye ukuthi ngizibhale lezi zinto, naphezu kobuthakathaka bami.

12 Futhi ngiyathandaza kuBaba egameni likaKristu ukuthi abaningi bethu, uma kungethina sonke, basindiswe aembusweni wakhe ngalolo suku olukhulu nolokugcina.

13 Manje, bafowethu abathandekayo, bonke labo okungabendlu ka-Israyeli, kanye nani nonke mikhawulo yomhlaba, ngikhuluma kini njengezwi lalowo aokhala othulini: Salani kahle kuze kube lolo suku olukhulu luyafika.

14 Futhi nina eningenakuhlanganyela ebuhleni bukaNkulunkulu, futhi nihloniphe aamazwi amaJuda, futhi ngokunjalo bnamazwi ami, kanye namazwi ayophuma emlonyeni weMvana kaNkulunkulu, bhekani, ngivalelisa ukuvalelisa kwaphakade, ngokuba lamazwi cayonilahla ngecala ngosuku lokugcina.

15 Ngokuba lokho engikubopha emhlabeni, kuyobekwa obala ngokumelene nani aesihlalweni sokwahlulela; ngokuba iNkosi ingiyale kanjalo futhi kufanele ngilalele. Amen.