ImiBhalo eNgcwele
2 Nefi 14


Isahluko 14

ISiyoni kanye namadodakazi ayo azokhululwa futhi ahlanzwe ngosuku lweminyaka eyinkulungwane—Qhathanisa no-Isaya 4. Cishe ngonyaka wama 559 kuya kowama 545 ngaphambi kokuzalwa kukaKristu.

1 Futhi ngalolo suku, abesifazane abayisikhombisa bayobamba indoda eyodwa, bethi: Sizokudla isinkwa sethu, futhi sembathe izingubo zethu; kuphela sivumele sibizwe ngegama lakho ukuze ususe aihlazo kithi.

2 Ngalolo suku aigatsha leNkosi liyoba lihle futhi likhazimule; isithelo somhlaba siyoba sihle kakhulu futhi sibukeke kulabo abaphunyuka bakwa-Israyeli.

3 Futhi kuyokwenzeka ukuthi, labo abashiyiwe eSiyoni futhi basala eJerusalema bayobizwa ngokuthi bangcwele, bonke labo ababhaliwe phakathi kwabaphilayo eJerusalema—

4 aLapho iNkosi bisikugezile ukungcola kwamadodakazi eSiyoni, futhi nalapho isilihlanzile igazi laseJerusalema phakathi kwayo ngomoya wokwahlulela kanye nangomoya cwokushisa.

5 Futhi iNkosi iyodala phezu kwayo yonke indawo yokuhlala yentaba yaseSiyoni, futhi naphezu kwemihlangano yayo; aifu kanye nomusi emini kanye nokukhanya kwelangabi lomlilo ebusuku; ngokuba ngaphezu kwayo yonke inkazimulo yaseSiyoni kuyoba khona ukuvikelwa.

6 Futhi kuyoba khona idokodo lomthunzi emini ekushiseni, futhi libe yindawo ayesiphephelo, kanye nenqaba kuzo izivunguvungu kanye nakuyo imvula.