ImiBhalo eNgcwele
2 Nefi 28


Isahluko 28

Amaningi amabandla amanga ayokwakhiwa ngezinsuku zokugcina—Ayofundisa amanga, ize, kanye nezimfundiso eziwubuwula—Ukuhlubuka kuyovama ngenxa yabafundisi bamanga—Udeveli uyodlanga ezinhliziyweni zabantu—Uyofundisa yonke inhlobo yezimfundiso zamanga. Cishe ngonyaka wama 559 kuya kowama 545 ngaphambi kokuzalwa kukaKristu.

1 Manje, bhekani, bafowethu, sengikhulumile kini, njengokuba uMoya ungiphoqile; ngalokho-ke, ngiyazi ukuthi lokhu kufanele ngempela kwenzeke.

2 Futhi izinto eziyobhalwa kuleyo ancwadi ziyoba bngeziyigugu elikhulu kubantwana babantu, futhi ikakhulukazi kuyo inzalo yethu, eyinsalela yendlu ka-Israyeli.

3 Ngokuba kuyokwenzeka ngalolo suku ukuthi aamabandla akhiwe, kodwa hhayi eNkosini, lapho omunye eyothi komunye: Bheka, mina, yimi engingoweNkosi; futhi abanye bayothi: Mina, yimi engingoweNkosi; futhi wonke umuntu uyokusho kanjalo owakhe amabandla, kepha hhayi eNkosini—

4 Futhi ayobanga elinye nelinye; futhi abaphristi bawo bayobanga omunye nomunye, futhi bayofundisa angokwemfundo yabo, futhi bawuphike uMoya oyiNgcwele, okuyiwona onikeza ukukhuluma.

5 Futhi abaphika bamandla kaNkulunkulu, oNgcwele ka-Israyeli; futhi bathi kubantu: Lalelani thina, nizwe umyalelo wethu; ngokuba bhekani cakekho uNkulunkulu namuhla, ngokuba iNkosi noMkhululi isiwenzile umsebenzi wayo, futhi isinikeze amandla ayo kubantu;

6 Bhekani, lalelani umyalelo wami; uma beyokuthi kukhona isimangaliso esenzekile ngesandla seNkosi, ningakukholwa lokho; ngokuba ngalolusuku akayena uNkulunkulu awezimangaliso; usewenzile umsebenzi wakhe.

7 Yebo, futhi kuyoba khona abaningi abayothi: aDlana, phuza, futhi ujabule, ngokuba kusasa sizofa; futhi kuyo kuba kuhle kithi.

8 Futhi phezu kwalokho kuyoba khona abaningi abayothi: Dlana, phuza, futhi ujabule; nokho, mesabe uNkulunkulu—aakayikukubeka cala ekwenzeni isono esincane; yebo, bqamba amanga kancane, sizakala ngomunye ngenxa yamazwi akhe, mbela umakhelwane wakho cumgodi; akukho bungozi kulokhu; futhi yenza zonke lezi zinto, ngokuba kusasa sizofa; futhi uma kungukuthi sinecala, uNkulunkulu uyosishaya ngemivimbo embalwa, ekugcineni siyosindiswa embusweni kaNkulunkulu.

9 Yebo, futhi kuyoba khona abaningi abayofundisa ngalendlela, amanga kanye nangeze kanye anezimfundiso beziwubuwula, bayokhukhumala ezinhliziyweni zabo, bafune ngokujula ukufihla amasu abo eNkosini; futhi imisebenzi yabo iyoba sebumnyameni.

10 Futhi aigazi labangcwele liyokhala emhlabathini ngokumelene nabo.

11 Yebo, bonke baphambukile aendleleni; bangenwe byinkohlakalo.

12 Ngenxa ayokuziqhenya, nangenxa yabafundisi bamanga, nemfundiso yamanga, amabandla abo angenwe yinkohlakalo, futhi amabandla abo aphakeme; ngenxa yokuziqhenya bakhukhumele.

13 aBaphanga babampofu ngenxa yezindlu zabo ezingcwele ezinhle; baphanga abampofu ngenxa yezingubo zabo ezinhle; futhi bahlupha abamnene nabampofu ngenhliziyo, ngoba cekuziqhenyeni kwabo bakhukhumele.

14 Bagqoka aizintamo ezilukhuni kanye namakhanda aphakeme; yebo, futhi ngenxa yokuziqhenya, nobubi, nezinengiso, nobufebe, bonke bbadukile ngaphandle kwabayingcosana, abangabalandeli baKristu abathobekile; nokho, bayaholwa, kuze kuthi ngezikhathi eziningi baphambuke ngenxa yokuthi bafundiswa ngemiyalo yabantu.

15 O aabahlakaniphileyo, nabafundile, kanye nabacebile, abakhukhumele bekuziqhenyeni kwezinhliziyo zabo, kanye nabo bonke labo abashumayela izimfundiso zamanga, nabo bonke labo abenza ubufebe, futhi baphendukezele indlela eqondile yeNkosi, cmaye, maye, maye kubo, kusho iNkosi uNkulunkulu uSomandla, ngokuba bayophonswa phansi esihogweni!

16 Maye kubo labo aababuyisela eceleni abalungile njengento engelutho futhi bahlambalaze lokho okuhle, futhi nabathi kuyinto engenamsebenzi! Ngokuba usuku luyeza lapho iNkosi uNkulunkulu masinyane iyobahambela abantu basemhlabeni; futhi ngalolo suku lapho bsebevuthwe ngokugcwele ebubini obukhulu bayofa.

17 Kepha bheka, uma abantu basemhlabeni bengaphenduka ebubini babo nasezinengisweni abayikubhujiswa, kusho iNkosi yamaBandla.

18 Kepha bheka, lelo bandla elikhulu nelinengekile, aisifebe somhlaba wonke, kufanele bliwele emhlabeni, futhi kuyoba kukhulu ukuwa kwalo.

19 Ngokuba umbuso kadeveli kufanele auzanyazanyiswe, futhi labo abangabawo kufanele ukuthi baphehlelwe ekuphendukeni, noma budeveli uzobabamba cngamaketanga akhe aphakade, futhi baphehlelwe entukuthelweni futhi balahleke ngokomoya;

20 Ngokuba bheka, ngalolo suku auyodlanga ezinhliziyweni zabantwana babantu, futhi abaphehle ukuze bathukuthelele lokho okuhle.

21 Futhi abanye auyobathulisa, futhi elokhu ebakhohlisa ukuthi balondeke ngokwasenyameni, ukuze bathi: Konke kulungile eSiyoni; yebo, iSiyoni iyaphumelela, konke kuhle—futhi ngaleyo ndlela budeveli uyoyilutha imiphefumulo yabo, futhi abahole ngobuqili abayise phansi esihogweni.

22 Futhi bheka, abanye uyabakhohlisa, futhi abatshele ukuthi asikho aisihogo; futhi uthi kubo: Mina angisiye udeveli, ngokuba akekho—futhi ubanyenyezela kanje ezindlebeni zabo, aze ababambe bngamaketanga akhe asabekayo, abayise lapho kungasekho khona ukukhululwa.

23 Yebo, babanjwa ngokufa, kanye nangesihogo; futhi ukufa, kanye nesihogo, kanye nodeveli, futhi bonke labo ababanjwe ngazo lezi zinto kumele bame phambi kwesihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu, futhi abahlulelwe ngokwemisebenzi yabo, ukusuka lapho sekufanele baye endaweni elungiselelwe bona, ngisho bichibi lomlilo kanye nesibabuli, okuwukuhlupheka okungenakuphela.

24 Ngakho-ke, maye kulowo okhululekile eSiyoni!

25 Maye kulowo omemeza ethi: Konke kulungile!

26 Yebo, maye kulowo aolalela imiyalelo yabantu, futhi aphike amandla kaNkulunkulu, nesipho sikaMoya oyiNgcwele!

27 Yebo, maye kulowo othi: Sesithole okwanele, futhi aasisakudingi okunye!

28 Futhi ukuphetha, maye kubo bonke labo abathuthumelayo, futhi aabathukuthele ngenxa yeqiniso likaNkulunkulu! Ngokuba bheka, lowo owakhe phezu bkwedwala ulemukela ngokuthokoza; futhi lowo owakhe phezu kwesisekelo esiyisihlabathi uyathuthumela funa awe.

29 Maye kulowo oyokuthi: Sesilitholile izwi likaNkulunkulu, futhi aasisalidingi belinye izwi likaNkulunkulu, ngokuba sanele!

30 Ngokuba bheka, isho kanje iNkosi uNkulunkulu: Ngiyobanika abantwana babantu umugqa phezu komunye umugqa, aumyalelo phezu komunye umyalelo, ingcosana lapha nengcosana laphaya; futhi babusisiwe labo abalalela imiyalelo yami, futhi baboleke indlebe ekuqondiseni kwami, ngokuba bayofunda bukuhlakanipha; ngokuba kulowo comukelayo ngiyomnika dokunye; futhi kulabo abayothi, Sesanele, kubo kuyothathwa ngisho nalokho abanakho.

31 Uqalekisiwe lowo obeka aithemba lakhe kumuntu, noma enze inyama ibe yingalo yakhe, noma olalela imiyalelo yabantu, ngaphandle uma imiyalelo yabo inikwa ngamandla kaMoya oyiNgcwele.

32 aMaye kubo abeZizwe, kusho iNkosi uNkulunkulu wamaBandla! Ngokuba naphezu kokuba ingalo yami ngiyoyelulela kubo usuku nosuku, bayongiphika; nokho, ngiyokuba nesihawu kubo, kusho iNkosi uNkulunkulu, uma beyophenduka futhi beze kimi; ngokuba bingalo yami yeluliwe lonke usuku, kusho iNkosi uNkulunkulu wamaBandla.