ImiBhalo eNgcwele
2 Nefi 29


Isahluko 29

Abaningi beZizwe bayoyenqaba iNcwadi kaMormoni—Bayothi, Asilifuni elinye iBhayibheli—INkosi ikhuluma ezizweni eziningi—Iyokwahlulela umhlaba ngezincwadi eziyobe zibhaliwe. Cishe ngonyaka wama 559 kuya kowama 545 ngaphambi kokuzalwa kukaKristu.

1 Kepha bheka, kuyoba khona abaningi—ngalolo suku lapho sengiqhubeka nokwenza aumsebenzi omangalisayo phakathi kwabo, ukuze ngikhumbule bizivumelwano zami engizenzile kubantwana babantu, ukuze ngelule isandla sami futhi cokwesibili ukubuyisela abantu bami, okungabendlu ka-Israyeli;

2 Futhi phezu kwalokho, ukuze ngikhumbule izethembiso engazenza kuwe, Nefi, futhi ngokunjalo nakuyihlo, ukuthi ngiyoyikhumbula inzalo yenu; futhi nokuthi aamazwi enzalo yenu ayovela ephuma emlonyeni wami eya kuyo inzalo yenu; futhi amazwi ami bayohamba ngamandla aye nasemikhawulweni yomhlaba, abe cyisibonakaliso kubantu bami, okungabendlu ka-Israyeli;

3 Futhi ngenxa yokuthi amazwi ami ayohamba ngamandla—abaningi beZizwe bayothi: aIBhayibheli! IBhayibheli! Sinalo iBhayibheli, futhi angeke kube khona elinye iBhayibheli.

4 Kepha isho kanje iNkosi uNkulunkulu: O ziwula, bayoba nalo iBhayibheli; futhi liyovela kuwo aamaJuda, abantu bami bakudala besivumelwano. Futhi ngabe bawabonga ngani amaJuda ngalelo bBhayibheli abalithola kuwo na? Yebo, ngabe abeZizwe baqondeni na? Ngabe bayazikhumbula yini izinhlupheko, nemisebenzi, nemizamo emikhulu yamaJuda, kanye nenkuthalo yawo kimi, ekuletheni insindiso kwabeZizwe na?

5 O nina beZizwe, nike nawakhumbula amaJuda, abantu bami bakudala besivumelwano na? Cha; kepha niwaqalekisile, futhi anawazonda, futhi anizange nifune ukuwabuyisa. Kepha bhekani, ngiyozibuyisa zonke lezi zinto phezu kwamakhanda enu uqobo; ngokuba mina Nkosi angibakhohliwe abantu bami.

6 Wena siwula, oyokuthi: aIBhayibheli, thina sinalo iBhayibheli, asilidingi elinye iBhayibheli. Ngabe nalithola yini iBhayibheli ngaphandle kokuthi kwaba ngenxa yamaJuda na?

7 Anazi yini ukuthi kunezizwe eziningi kunesisodwa na? Anazi yini ukuthi Mina, Nkosi Nkulunkulu wenu, angibadalile bonke abantu, futhi nokuthi ngiyabakhumbula labo babaseziqhingini zolwandle; futhi nokuthi ngibusa emazulwini phezulu nasemhlabeni phansi; futhi ngiletha izwi lami kubantwana babantu, yebo, ngisho naphezu kwazo zonke izizwe zomhlaba na?

8 Ngalokho-ke nivungamelani, ngenxa yokuthi niyothola okuningi ngezwi lami na? Anazi yini ukuthi ubufakazi abezizwe ezimbili bbungubufakazi kini bokuthi mina nginguNkulunkulu, nokuthi ngikhumbula isizwe esisodwa njengesinye na? Ngalokho-ke, ngikhuluma amazwi afanayo kwesinye isizwe njengakwesinye. Futhi uma cizizwe ezimbili ziyoba khona ndawonye nobufakazi bezizwe ezimbili buyoba khona ndawonye futhi.

9 Futhi ngikwenza lokhu ukuze ngikhombise kwabaningi ukuthi angiyafana izolo, namuhla, naphakade; futhi nokuthi ngikhuluma amazwi ami njengokuthanda kwami. Futhi ngenxa yokuthi ngikhulume bizwi elilodwa akufanele nicabange ukuthi ngeke ngisalikhuluma elinye; ngokuba umsebenzi wami awukakapheli; noma ngeke uphele kuze kube sekupheleni komuntu, noma kusukela kuleso sikhathi kuyaphambili ingunaphakade.

10 Ngalokho-ke, ngenxa yokuthi ninalo iBhayibheli akufanele nicabange ukuthi liqukethe wonke aamazwi ami; noma nicabange ukuthi angizange ngenze okunye okuningi ukuthi kubhalwe.

11 Ngokuba ngiyala abonke abantu, empumalanga nasentshonalanga, enyakatho, naseningizimu, kanye naseziqhingini zolwandle, ukuthi bbawabhale amazwi engiwakhuluma kubo; ngokuba cezincwadini eziyobhalwa dngiyowehlulela umhlaba, wonke umuntu ngokwemisebenzi yakhe, ngokwalokho okubhaliwe.

12 Ngokuba bheka, ngiyokhuluma akumaJuda futhi ayokubhala lokho; futhi ngokunjalo ngiyokhuluma kumaNefi futhi nawo bayokubhala lokho; futhi ngokunjalo ngiyokhuluma kwezinye izizwana zendlu ka-Israyeli, engiziholele kude; futhi nazo ziyokubhala lokho; futhi ngokunjalo ngiyokhuluma kuzo czonke izizwe zomhlaba futhi nazo ziyokubhala lokho.

13 Futhi kuyokwenzeka ukuthi aamaJuda ayokuba namazwi amaNefi, futhi namaNefi ayokuba namazwi amaJuda; futhi amaNefi kanye namaJuda ayokuba namazwi bezizwana ezilahlekile zika-Israyeli; futhi izizwana ezilahlekile zika-Israyeli ziyokuba namazwi amaNefi kanye nawamaJuda.

14 Futhi kuyokwenzeka ukuthi abantu bami, aokungabendlu ka-Israyeli, bayoqoqelwa ekhaya emazweni okungawabo; futhi nezwi lami ngokunjalo liyohlanganiswa libe blinye. Futhi ngiyobakhombisa labo abalwa nezwi lami kanye nabantu bami, cokungabendlu ka-Israyeli, ukuthi nginguNkulunkulu, futhi nokuthi dngavumelana no-Abrahama ukuthi ngiyoyikhumbula einzalo yakhe fingunaphakade.