ImiBhalo eNgcwele
2 Nefi 22


Isahluko 22

Ngosuku lweminyaka eyinkulungwane bonke abantu bayoyidumisa iNkosi—Iyohlala phakathi kwabo—Qhathanisa no-Isaya 12. Cishe ngonyaka wama 559 kuya kowama 545 ngaphambi kokuzalwa kukaKristu.

1 Futhi ngalolo suku uyothi: O Nkosi, ngiyokudumisa; noma wawungithukuthelele intukuthelo yakho isisusiwe, futhi uyangiduduza.

2 Bheka, uNkulunkulu uyinsindiso yami; angiyokwethemba, futhi ngingabi nakwesaba; ngokuba iNkosi buJehova ingamandla ami kanye nehubo lami; phezu kwalokho usebe yinsindiso yami.

3 Ngakho-ke, ngenjabulo uyokukha aamanzi emithonjeni yensindiso.

4 Futhi ngalolo suku niyokuthi: aDumisani iNkosi, bizani igama layo, memezelani izenzo zayo phakathi kwabantu, nisho ukuthi igama layo liphakeme.

5 aHlabelelelani iNkosi; ngokuba yenze izinto ezinhle kakhulu; lokhu kuyaziwa emhlabeni wonke.

6 aKhala futhi umemeze, wena ohlala eSiyoni; ngokuba mkhulu oNgcwele ka-Israyeli ophakathi kwakho.