ImiBhalo eNgcwele
2 Nefi 12


Isahluko 12

U-Isaya ubona ithempeli lezinsuku zokugcina, ukuqoqwa kuka-Israyeli, kanye nokwahlulelwa nokuthula kweminyaka eyinkulungwane—Abaziphakamisayo kanye nababi bazothotshiswa ngokuZa kwesiBili—Qhathanisa no-Isaya 2. Cishe ngonyaka wama 559 kuya kowama 545 ngaphambi kokuzalwa kukaKristu.

1 Izwi au-Isaya, indodana ka-Amose, balibona mayelana noJuda kanye neJerusalema:

2 Futhi kuyokwenzeka ngezinsuku zokugcina, ngesikhathi aintaba byendlu yeNkosi iyokwakhiwa esicongweni csezintaba, futhi iyophakanyiswa ngaphezu kwamagquma, futhi zonke izizwe ziyogobhozela kuyo.

3 Futhi abaningi abantu bayohamba futhi bathi: Wozani, sikhuphukeleni entabeni yeNkosi, kuyo indlu kaNkulunkulu kaJakobe; futhi iyosifundisa ngezindlela zayo, futhi asiyohamba emikhondweni yayo; ngokuba eSiyoni kuyovela bumthetho, futhi izwi leNkosi liyovela eJerusalema.

4 Futhi aiyokwahlulela phakathi kwezizwe, futhi iyokhuza abantu abaningi: futhi bayokhanda izinkemba zabo zibe ngamakhuba, nemikhonto yabo ibe ngocelemba—isizwe asiyikuphakamisela esinye isizwe inkemba, noma ngeke besaya ukuyofundela impi nanini.

5 O ndlu kaJakobe, woza futhi masihambe ekukhanyeni kweNkosi; yebo, wozani, ngokuba nonke anidukile, ngamunye ezindleleni zakhe zobubi.

6 Ngakho-ke, O Nkosi, ubashiyile abantu bakho, indlu kaJakobe, ngenxa yokuthi abegcwaliswa ngabasempumalanga, futhi belalela ababhuli bnjengamaFilisti, futhi cbezithokozisa ebantwaneni bezihambi.

7 Izwe labo phezu kwalokho ligcwele isiliva kanye negolide, futhi akukho nakuphela kuyo ingcebo yabo; izwe labo phezu kwalokho ligcwele amahhashi, futhi akukho nakuphela kuzo izinqola zempi.

8 Izwe labo futhi ligcwele aizithixo; bakhonza umsebenzi wezandla zabo uqobo, lokho okwenziwe yiminwe yabo uqobo.

9 Futhi umuntu odelelekile aakakhothami, futhi umuntu omkhulu akazehlisi, ngakho-ke, makangaxolelwa.

10 O nina enibabi, ngenani edwaleni, anizifihle othulini, ngokwesaba iNkosi kanye nenkazimulo yobukhosi bayo okuyonishaya.

11 Futhi kuyokwenzeka ukuthi ukubuka komuntu ozigqajayo kuyothotshiswa, kanye nokuzikhukhumeza kwabantu kuyokhothanyiswa, futhi yiNkosi kuphela eyophakanyiswa ngalolo suku.

12 Ngokuba ausuku lweNkosi yamaBandla luyeza masinyane phezu kwazo zonke izizwe, yebo, kuwonke wonke; yebo, bkwabaziqhenyayo kanye nabazigqajayo, naphezu kwabo bonke labo abaziphakamisayo, futhi bayokwehliswa.

13 Yebo, usuku lweNkosi luyofika phezu kwayo yonke imisedari yaseLebanoni, ngokuba mide futhi iphakeme; kanye naphezu kwawo wonke ama-oki aseBashani.

14 Naphezu kwazo zonke izintaba, naphezu kwawo wonke amagquma, naphezu kwazo zonke izizwe eziphakeme, naphezu kwabo bonke abantu;

15 Futhi naphezu kwayo yonke imibhoshongo emide, kanye naphezu kwazo zonke izindonga ezibiyelweyo;

16 Naphezu kwayo yonke imikhumbi ayasolwandle, naphezu kwayo yonke imikhumbi yaseTharishishi, naphezu kwazo zonke izithombe ezinhle.

17 Futhi ukuzigqaja komuntu kuyothotshiswa, kanye nokuzikhukhumeza kwabantu kuyokwehliswa; futhi yiNkosi kuphela eyophakanyiswa angalolo suku.

18 Izithixo iyoziqeda nya.

19 Futhi bayongena emihhumeni yamadwala, kanye nasemigedeni yomhlaba, ngokuba ukwesaba iNkosi kuyofika phezu kwabo futhi inkazimulo yobukhosi bayo iyobashaya, ngesikhathi ivukela ukuzamazamisa kanzima umhlaba.

20 Ngalolo suku umuntu auyolahla izithixo zakhe zesiliva, kanye nezithixo zakhe zegolide, azenzele zona ukuzikhonza, kuzo izimvukuzane kanye namalulwane.

21 Ukuze bangene emifantwini yamadwala, kanye nasezicongweni zezixongo zamadwala, ngokuba ukwesaba iNkosi kuyofika phezu kwabo kanye nobukhosi benkazimulo yayo buyobashaya, ngesikhathi ivukela ukuzamazamisa kanzima umhlaba.

22 aYekani ukwethemba umuntu, umphefumulo wakhe osemakhaleni akhe; ngokuba angaziswa na?