Amasu Okufunda
Ithempeli, iNdlu yeNkosi


Ithempeli, iNdlu yeNkosi

Yindlu yeNkosi ngempela. INkosi selokhu njalo yayala abantu Bayo ukuba bakhe amathempeli, izakhiwo ezingcwele lapho abaNgcwele abafanelwe benza khona imikhosi kanye nezimiso zevangeli ezingcwele bezenzela bona kanye nabafileyo. INkosi iyawahambela amathempeli aYo, futhi ayizindawo zokukhonza ezingcwele kakhulu kunazo zonke.

Itabernakele elamiswa nguMose kanye nabantwana bakwa-Israyeli kwakuyithempeli elinokuthwalwa. Abakwa-Israyeli babelisebenzisa ngesikhathi sokumuka kwabo eGibithe.

Ithempeli elaziwa kakhulu eliphathwayo eTestamenteni eliDala yilelo elakhiwa nguSolomoni eJerusalema (Ⅱ IziKr. 2–5). Labhujiswa ngonyaka wama 587 ngaphambi kukaKristu ngabaseBabiloni futhi labuyiselwa nguZerubabele cishe eminyakeni engama 70 kamuva (Ezra 1–6). Ingxenye yalelithempeli yashiswa ngonyaka wama 37 ngaphambi kukaKristu, futhi uHerode omKhulu kamuva walakha futhi. AmaRoma alibhubhisa lelithempeli ngonyaka wama 70 emva kukaKristu.

ENcwadini kaMormoni, abalandeli baNkulunkulu abalungileyo babeholelwa ekwakheni kanye nasekukhonzeni emathempelini (2 Nefi 5:16; Mosiya 1:18; 3 Nefi 11:1). Ukwakha kanye nokusebenzisa ithempeli ngokufaneleyo kuyizimpawu zeBandla leqiniso kunoma yiluphi uhlelo lokwengamela, kuhlanganisa neBandla elibuyiselwe ezinsukwini zethu. IThempeli laseKirtland kwakuyithempeli lokuqala elakhiwayo futhi lanikelwa eNkosini kulolu hlelo lokwengamela. Kusukela ngaleso sikhathi amathempeli asenikeliwe emazweni amaningi emhlabeni wonke.